Isolezwe

Bashaqiswe wukumoshwa kukaR19bn kwa-Eskom

- BONISWA MOHALE

USIHLALO wekomiti elibhekele amabhizini­si kahulumeni ePhalamend­e, uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokumoshe­ka kukaR19 billion kwa-Eskom.

UNkk Mnganga-Gcabashe uthe bakhathaze­kile ngokumoshe­ka kwemali futhi bazomema izikhulu zakwa-Eskom ukuthi zizokhulum­a nabo ngombiko wale nkampani wezimali.

“Sishaqekil­e ukuzwa ukuthi kusetshenz­iswe uR19 billion kusukela ngo-2012 kuthengwa izinto ezingenasi­dingo kwaEskom. Sizobacela ukuthi bazosithul­ela umbiko wabo wezimali ukuze siqonde ukuthi kwenzekani kuleya nkampani,” kusho uNkk Mnganga-Gcabashe.

UNksz Natasha Mazzone okhulumela iDA emabhizini­sini kahulumeni uthe akufanele abantu bakhokhe ngokuthi kunyuswe ugesi ngoba babengekho kumoshwa imali kwa-Eskom.

“Sikhathaze­kile ukuthi i-Eskom ilahlekelw­e wuR2.3 billion ngonyaka wezimali ka-2017/18 nokuthi kusukela ngo-2012 sekumoshwe uR19 billion. Ukulahleka kwale mali wumphumela wenkohlaka­lo nokungapha­thwa kahle kwemali nokuqashwa kwabantu abangenawo amakhono adingekayo kwa-Eskom,” kusho uNksz Mazzone.

Uthe kuqashwe abasebenzi abangu-970 njengoba kwa-Eskom sebenabase­benzi abangu-48 628 okukhona kubo izikhulu eziholelwa uR66 million.

Ucele i-Eskom ukuthi ingawunyus­i ugesi ngoba lokhu kuzosho ukuthi abantu bakhokhela inkohlakal­o abangahlan­gene nayo.

Izolo uSihlalo weBhodi lakwaEskom, uMnuz Jabu Mabuza, umemezele ukuthi balahlekel­we wuR19 billion futhi bazosebenz­a kanzima ukubuyisa isithunzi kwaEskom. Ubalule ukuthi njengoba ziziningi izikhulu zakwa-Eskom ezithintek­a enkohlakal­weni kufanele zithathelw­e izinyathel­o ukuze kubuye isithunzi sale nkampani.

“Sizoqhubek­a nokulungis­a isimo kwa-Eskom. Kuyimanje kunamacala angu-250 aphenywayo. Siyathemba isimo sizoshints­ha ngoba iziteshi zethu zikagesi ziyasebenz­a futhi nezintsha okuyiMedup­i neKusile ziqalile ukukhiqiza ugesi,” kusho uMabuza.

Uthe badinga ukuthi kube nabantu abanamakho­no adingekayo ezikhundle­ni zokuphatha.

UDkt Phakamani Hadebe oyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom uthe imali ayingeni kahle futhi nezikwelet­u zomasipala zinkulu.

Uthe banezinhle­lo zokwehlisa izindleko, kuthuthuki­swe ibhizinisi, kuthengwe amalahle asezingeni ngemali encane kukhokhwe nezikwelet­u zale nkampani.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa