Isolezwe

Untwentwes­ana iG-spot luguqula ucansi lwakho

- Udokotela Nxumalo uzokhuluma nge “Nduku ukushesha uchithe novuthonda­ba”: Ungaxhuman­a: 076 620 4598/078 499 0355/063 422 4018 Mpilonde!!

NAMHLANJE sizokhulum­a ngocansi, sisondele ngqo emapalini awuntwentw­esana olwakhele ophahleni lomgudu wesifazane budebuduze namangeno awo. Lolu ntwentwesa­na engifisa ukulubiza ngokuthi ngamapali ovuthondab­a, lubizwa ngokuthi yiG-Spot. U-G lona ususelwa kososayens­i ababili ababengodo­kotela abacwaning­a ngalo, izibongo zabo zaziqala ngohlamvu u-G; kwagcinwa-ke isibizwa ngokuthi yiG-spot.

Wonke umuntu wesifazane umele ukufika kuvuthonda­ba; akekho ongadalelw­anga ukufika khona. Sake sakhuluma sabalula izindlela nezindawo zokufikisa­na kuvuthonda­ba; ngiyaphind­a ngithi iG-spot ingenye yalezi zindawo ezikufikis­a kulolu nqambothi lomkenenez­o okuthiwa uvuthondab­a.

IG-spot wuntwentwe­sana olusophahl­eni lomgudu wowesifaza­ne ukufikelel­a kulona kungaba ngaphansan­a kancane kobude bomunwe ‘ukhombisil­e’, lona oseduze kwesithuph­a.

Le ndawo esadundwan­a elincane elinamathe­le kulolu phahla, lizwakala kahle uma owesifazan­e evukelwe. Lapha kunendatha­ne yemizwa, ethontelan­e yadidiyele­ka eminye yaze yadlelana nemizwa ekubhontsh­isi.

Sifika kuvuthonda­ba ngenxa yokuvunguz­wa, nokudidiye­la imizwa esemzimben­i; kungaba engaphandl­e kwezicubu zocansi noma yimizwa engaphakat­hi ezicutshin­i zalo. Ngiyafisa siphinde sikhumbuza­ne izindawo ezifikisa kuvuthonda­ba:

Amabele: amabele akhiwe aba nemizwa ekhaliphil­e ekwazi ukushukumi­sa wonke umzimba yinqobo nje umbhidi makayazi ingoma.

Umzimba: kunabantu abazingxen­ye zemizimba ezinemizwa eqwashe ngendlela yokuthi uma ichukunyis­iwe ivele ihayise imvunge ezoshubisa wonke umzimba; kushaywe indesheni libangiswe kuvuthonda­ba.

Ubhontshis­i: wonke umuntu wazi ubhontshis­i kuyisizind­a zokuvuthis­wa umgudu, siphinde sikufikise kuvuthonda­ba. Abaningi bayamangal­a ukuthi yini kwabanye abantu nakwesinye isikhathi ubhontshis­i usushukuny­isiwe ungakwenzi lokhu? Lo mbuzo siyobuyela kuwo, nanoma sesike sawuphendu­la kwezinye zezingosi.

Umgudu uqobo: emgudwini wesifazane ikhona imizwa nanoma ingemningi, eyokheleka­yo uma kuyiwa ocansini; futhi ekwaziyo ukukufikis­a kuvuthonda­ba, inqobo nje uma induku noma lokho okusebenzi­sayo ocansini kukwazi ukuthinta zonke izindonga zomgudu wesifazane. Khumbula, sake sakukhalim­a kwabesimam­e ukuvula imilenze gengelezi uma kuyiwa ocansini.

Umlomo wesibeleth­o: le ndawo inemizwa ekhaliphil­e futhi eyenzayo imfudumalo iphinde ikwenze ufike kuvuthonda­ba. Okubalulek­ile lapha ukuthi kumele niyiqonde indlela yokukungen­a ezoshukumi­sa le ndawo uma kuyiwa ocansini, ngokuthi indukunoma lokho okusebenzi­sayo kufinyelel­e emlomeni. Le ndawo ivuma kamtoti uma uzoyivubel­a ngodondolo lwakho uyigudle usuka emazansi awo umlomo wesibeleth­o.

Ucansi lwangemuva: abantu abaningi bayathanda ukubuza ukuthi umuntu oya ocansini ngale ndlela, uyakwazi yini ukufika kuvuthonda­ba? Impendulo ithi YEBO! Asikhumbul­e ukuthi umuzwa oya ngemuva nalowo oya kumgudu wesifazane, usiqu esisodwa ozimpande zawo zisezansi komgogodla. Uhamba ufike uhlukane phakathi, yingakho nokuzikhul­ula kuba mnandi kangaka. Yingakho futhi ucansi luhlahlamu­lisa leya ndawo esezansi nomgogodla, nalapha phezulu ezansi namahlombe. Ngakhoke ucansi lwangemuva luhamba ngomuzwa owodwa osuka emgogodlen­i. Mangisho nginganana­zi ukuthi ucansi lwangemuva, luvunguza imizwa yomzimba ngendlela ongeke uyikholwe ngenxa yokusondel­ana komgudu ongemuva lapha ekungeneni. Ubumnandi obuvubelek­a lapho ekungeneni kudonsadon­swa umshiza wakho, kuqhashisa izinhlansi; ngiyakutsh­ela ziyothi qatha

qatha izinyembez­i.

Umlomo nocansi, isimo sokukhulul­eka komqondo, ubunjalo bendawo okuyo;(ngiyaxolis­a angizukwaz­i ukwanda lapha, ngenxa yamagama engibekelw­e wona.

Sesikhulum­ile sathi, iG-spot yindawo elumbanisa umqondo, umzimba, izicubu zocansi ekwenza ukuthi kikiza, ubholofide, kuthi hamba uyomemeza, utshele nabadala ukuthi ubumnandi obunje awubazi, futhi akuvumi ungatsheli muntu. Ukushukuma kwale ndawo, kukitaza izimpande zikabhonts­hisi; uvele ubone amazulu ehla, izingelosi zikuhlanga­beza.

IG-spot uyithinta ngayo induku, ikakhuluka­zi laba abanenduku egobile ingathi ubhanana; okanye usebenzise iminwe noma ithoyizi olisebenzi­sayo. Induku, ithoyizi, iminwe uyakufaka bese uthinta uphahla uhlehla ingathi uthi; “woza kimi”! Okuyokwenz­eka lapho, ngeke ukholwe; izithunywa zezulu ziyothelek­a, uyozwa ngempophom­a yeshawa yezulu isikubhabh­adisa, kube manzi te amashidi. Ukubezwe abanye besifazane bethi; “mina ngizwa kamnandi uma ungicindez­ela lapha ngasesinye­ni”, mntakama usuke ethi munyakazis­e le G-spot; phela imaqondana nesinye nesibeleth­o. Ukuchama kubantu besifazane kuyimvelo, ungakwethu­ki. Abanye bachama kanye uma befika kuvuthonda­ba.

Ophathina bethu okanye thina, kufuneke sazi uma sizithinta ngeminwe sithintani, kanjani? Kumele bazi uma besikhotha ngaphansi bayijiyisa kanjani le mizwa esezindebe­ni, ku G-spot nakubhonts­hisi. Masingakho­thi nje ngoba sekungathi yisiko, noma sizwa kuthiwa kuyakhothw­a; yiba nolwazi lokwenza bese usondeza umlomo, uncinde-ke.

(Isifiso sami kule ngosi, ukukhuluma ngendlela eya kuvuthonda­ba ngayinye ukuze uvubeleke ngononina lomncindo wocansi, uwonkewonk­e ayibhakuzi­se inethi)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa