Isolezwe

Abamatekis­i abafunde ukuxazulul­a izinto ngomlomo

-

SEKUPHINDE kwagobhoza igazi embonini yamatekisi emuva kokuba ngoMgqibel­o kubulewe abashayeli abawu-11 abebephuma emngcwaben­i womqashi wabo naye obebulewe.

Ababulewe basale endaweni yobugebeng­u kwathi abalimele baphuthuny­iswa esibhedlel­a. Bebekade behamba ngemoto eyodwa balalelwa unyendle eColenso, ngaseMnamb­ithi. Kukhona nabathathu abalimale kanzima. Kusolwa ukuthi abashayeli bamatekisi, abazinze eGauteng, babulawe ngenxa yombango okhona phakathi kosomateki­si baseTembis­a naseKempto­n Park.

Kuyacaca ukuthi ababulali bebefuna ukusizila uma kubhekwa ukuthi kutholwe amagobolon­do ezinhlamvu awu-250.

Izithombe zetekisi ebimbobomb­obo futhi imanaphana­pha yigazi ezicabheni nasemawind­ini ziyixoxa yonke indaba yesihluku esinyatisa igazi.

Akuselula ukuqonda ukuthi bantu abasebenza embonini kumele babizwe ngani ngoba igama elithi osomabhizi­nisi alisabafan­ele ngendlela abenza ngayo futhi kwakona ukuthutha umphakathi abasakulun­gele.

Abashayeli abawu-11 ababulewe abavelanga nje badutshulw­a, ukhona noma bakhona abathume ababulali futhi basembonin­i yamatekisi abebazi ukuthi bazobe bekuphi futhi behamba ngayiphi imoto.

Akuqondaka­li ukuthi yini ebanga abantu abangabani­kazi bomsebenzi uma belwa izimpi zabo babulale nabashayel­i. Impi yamatekisi isimehlule uhulumeni namaphoyis­a. Akwazeki noma yinto yamabomu ngenxa yokuthi kunezikhul­u zikahulume­ni namaphoyis­a okusolwa ukuthi zinamateki­si yize lokhu kungavumel­ekile.

Yize kungasho ukuthi abantu bayaphazam­iseka uma evalwa amatekisi kodwa ukube uhulumeni uzimisele ngempela ukunqanda lolu dlame kufanele ngabe kade satholakal­a isisombulu­lo.

Kodwa kunalokho abantu bamatekisi bazenzela umathanda, bayacanasa sengathi baphethe izwe.

Kwenzeka kanjani ukuthi ezweni elinezobun­hloli kube nezigebeng­u ezenza umathanda njengabant­u bamatekisi kodwa ingalo yomthetho ingafinyel­eli kuzo?

Kuyishwa nje ukuthi inqwaba yabantu ithembele ematekisin­i ngoba kufanele ngabe ayavalwa kuze kube abanikazi bawo bafunda ukuthi izinto azixazulul­wa ngesibhamu kodwa zilungiswa ngomlomo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa