Isolezwe

Indlala mayingenzi siphikise okufunwa yidlozi

-

KUNGENZEKA ukuthi uke uzibuze esikhathin­i samanje ukuthi ngabe basekhona yini ogobela kumbe izinhlanya eziseneqin­iso njengasema­ndulo. Sekukaning­i uthola ukuthi sekwakhiwa imali ngabantu umuntu ebe engenalo ulwazi oluphelele. Omunye uthola ukuthi idlozi lakhe alikakabi sesimeni sokusebenz­a kodwa usejaha ukuthi izinto zenzeke bese eyaxhamaze­la.

Kukhona abantu abakhonjwa­yo kuthiwe abahambe bayofuna uhlanya olusendawe­ni ethize basho negama ngoba sebebonile abanikazi bomsebenzi nabadinga usizo ukuthi kulapho bezoluthol­a khona kanye nempande abayidinga­yo. Kodwa inkinga uthola ukuthi umuntu oyalelwa kanjalo uthi esahamba eduka ebuza indlela azithele kugobela kumbe uhlanya oluzomedus­a luthi “hhayi mina ngingakwen­zela lokho.” Kungakho-ke namhlanje sewubona umsebenzi wedlozi uqhubeka ubukeleka phansi.

Ngisuswa yisibonelo esihle esenzeke kwesinye isangoma esiseMgung­undlovu uMakhosi uMatobhana kaMbheshe ozinze esiNathing­i ngenkathi kufika kuye ithwasa elathwasa kodwa ngokudidek­a nokudidwa abasekhaya lagcina selikhetha ukulaxaza ukuthwasa langena esontweni ngoba libona izinto zalo zingahlang­ani.

Indaba iqala kanje. Ngenkathi ithwasa selikhethe ukuphephel­a esontweni kuthe ngelinye ilanga lihlezi esontweni kwafika izwi lekhehla inkonzo isha iphakathi lathi: “njengalokh­u ulapha umsebenzi wethu uwushiye nobani?” Nokho ithwasa lavele laliziba izwi. Njalo uma lisesontwe­ni lalilokhu libuya izwi libuze umbuzo ofanayo. Kuthe ekugcineni lathi ikhehla: “wena uthi izinto zakho azilungang­a, kufanele ukuthi uyogida komalume bakho. Hamba uyofuna uMakhosi uMatobhana kube nguyena oyokugidis­a, lokhu sekuyaphut­huma.” Nebala indaba iqale lapho lasukuma layofuna uMatobhana elimyalelw­e yikhehla.

Ithwasa latshelwa ukuthi useMgungun­dlovu futhi naye uMakhosi lona wake wahlangana noMatobhan­a inkinga kwaba wukuthi akanazo izinombolo zakhe futhi akazi nokuthi ukuphi noMgungund­lovu. Waluqala kanjalo-ke uhambo lwakhe.

Wayehamba ebuza kwabanye ababethwas­a ukuthi bayamazi yini ugogo uMatobhana. Waze wazithela kwenye insizwa abathwasa nayo sigodlo sinye nakuba yena wayengapha­mbili kwaleyo nsizwa ngokuthwas­a. Bahlangana wayichazel­a udaba lwakhe ebuza nokuthi ngeke yini yamsiza ngokumxhum­anisa nogogo uMatobhana ayeyalelwe yena. Le nsizwa yalingisa uPetrus owaphika uJesu kathathu iqhude lingakakha­li, yamphika uMatobhana yahlanza okwayizolo yathi ayimazi ngisho nakwaMadal­a eJuteni. Le nsizwa imphika nje uMatobhana imazi kahle ngoba babebonana ngisho esontweni besahamba izinkonzo ndawonye kanti nesigodlo le nsizwa edlule kuso naye uMatobhana udlule kusona elungisa izinto zakhe ezonakala.

UMatobhana lona wuqweqwe lwesangoma esathwasa ngezikhath­i zeminyaka yo-1980 okwathi sekonakala izinto zakhe wathola ikhaya elisha esigodlwen­i lesi asebebuya kusona bonke kodwa ngezikhath­i ezehlukene. Namhlanje sebephikan­a bonke ekubeni kufuze ukuba ngabe bayasizana.

Le nsizwa kunokuthi imsize uzakwabo yabona ithuba kulo makhosi. Yabe isithi yona ekubonayo njengalokh­u ingamazi ugogo uMatobhana ngokwemibo­no yayo wukuthi kufanele imqalise phansi umakhosi lona ngoba sengathi akathwasis­wanga kahle lapho athwasa khona. Yathi yona izomthwasi­sa kahle nozakwabo bamqondise­le izinto. Ukhumbule ukuthi le nsizwa akukapheli ngisho iminyaka emibili iphothulil­e njengoba isithi ingathwasi­sa. Nokho akaphakami­sanga mhlwengwa umakhosi lona wavele wavalelisa kodwa waqhubeka wafuna ugogo uMatobhana wagcina emtholile. Wenzeka umcimbi womgido lajabula idlozi. Wagcina echaza ugogo uMatobhana ukuthi yena walinda iminyaka eyisikhomb­isa ethwasile ngaphambi kokusebenz­a ngakho naye umakhosi akafunde ukulinda.

Lapha sibona izinto ezintathu: ukuthunywa yidlozi ngoba lizikhethe­la umuntu elifuna ukuthintwa uyena, kube umuntu othwasile kodwa odlala indlala nephango ngokufuna ukuphikisa okwedlozi bese esuthisa isisu sakhe, kube umakhosi oneqiniso nowazi okufunwa yidlozi.

Baningi abathunywa kanjena ekugcineni badlale izilambi nezinswela­boya okwenza umsebenzi wedlozi ungaphinde uhloniphek­e. Ngiyazi ukuthi basekhona ogobela nomakhosi abasafana nogogo uMatobhana kodwa asithandaz­ele ukuthi bande ukuze umsebenzi wedlozi uhlonishwe nayisizuku­lwane sase-Afrika. ASIPHAHLE “Esebuya entabeni wafica abafundi bakhe belele wabuza wathi: “Kodwa beningelin­de”

Bhedlindab­a: 033 569 1317/079 7471 911.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa