Isolezwe

I-Kaizer Chiefs isilandele imfundamak­hwela yomqeqeshi

-

MHLELI: Ngifisa ukuzwakali­sa ilaka lami ngokuqokwa komqeqeshi omusha weKaizer Chiefs. Sengathi silandelwe uSteve Komphela wesibili la, umehluko wukuthi lona umhlophe.

Okwenza ngisho lokhu wumlando wakhe. Akukho okuphathek­ayo aseke wakuzuza selokhu aqala ukuqeqesha. Kwi-Kaizer Chiefs ayidingeki imfundamak­hwela ezophinda isizwe yimpuphu uPatrick Mabedi. Sisazophel­a yisibhaxu nakule sizini.

I-Kaizer Chiefs kwakumele ithole umqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi onesipiliy­oni kwezokuqeq­esha aphinde abe nomlando omuhle wokuwina izindebe. Kwakumele bathole umqeqeshi ofana noRuud Krol noma uHarve Renard. Uma ubheka umlando wabaqeqesh­i beChiefs abenza kahle babenesipi­liyoni besezingen­i eliphezulu futhi belazi ibhola lakithi eNingizimu Afrika. Ungabala uTed Dimitru, Joe Frickleton, Jeff Butler bonke abenza kahle bengezona izimfundam­akhwela.

Bengicela uKaizer Motaung abuyise uDoctor Khumalo azosiza uGiovanni Solinas ngoba uDoctor uyayazi iChiefs baphinde balande uFarouk Khan ngoba kungenjalo sisazobhub­ha yisibhaxu. U-Patrick Mabedi akasishiye ngoba uyasimoshe­la.

Bengibuka umdlalo weChiefs neSundowns. Bekumele kufakwe abadlali abasha hhayi amakhehla ngoba isikhathi sawo sesiphelil­e. Enye into exakayo kungani manje engasadlal­iswa uPhilani Zulu kunalokho kudlaliswa impuphu uLetlogono­lo Mirwa. Lo mfana yingane ephuma kwiMotsepe League. OkweChiefs kuyaxaka ungathi izinqumo zithathwa umuntu odle amponjwana.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa