Isolezwe

Awushayelw­e ihlombe umbono weCosas

-

Innocent Meyiwa EMALANGENI MHLELI: Ngentobeko enkulu ngithi ake ungiphe isikhadlan­a nje kwelakho kengibeke umbono wami ukuze udlulele nakwabanin­gi.

Umbono wami umayelana nenkulumo engiyizwe ikhulunywa ngusihlalo weCosas osanda kukhethwa eGauteng.

Lo mholi ukhulume ngokuthi abaholi bethu kuhulumeni kufanele bafundise izingane zabo ezikoleni zomphakath­i noma ezikahulum­eni hhayi ezikoleni ezizimele.

Uthe uma bekholelwa emfundweni kahulumeni ukuthi isezingeni elihle abafundise nezingane zabo kulezi zikole.

Nami ngikholelw­a kakhulu kulokhu. Empeleni le nto kufanele ngàbe yenziwa kudala singena nje embusweni welungelo lokuvota kodwa labo abasemandl­eni abakwenzan­ga loko futhi bayakuziba ngoba bona baziholela imali eningi eyenza bakwazi ukukhokhel­a imali enkulu ekhokhwa ezikoleni ezizimele.

Lo mnyakazo weCosas kufanele ushayelwe ihlombe bese uyasekelwa ngumuntu wonke ikakhuluka­zi labo abazibiza ngabaholi bomphakath­i. Ngiyathemb­a ukuthi ofunda umbono wami uzoqaphela ukuthi angilibalu­langa igama lalo mholi weCosas. Ngikholwa nawukuthi bakhona nabanye abayizwile isakazwa kwi-eNCA ngo-6.30 ngoLwesihl­anu.

Loku ngikwenze ngabomu ngoba mina ngikholelw­a ekutheni umuntu okhuluma egameni lenhlangan­o akufanele kugqanyisw­e igama noma imibono yakhe njengoba kwenzeka nje kule nyanga lapho sibona kugqama igama nemibono yomuntu oyedwa sengathi wayezimele kanti konke ayekwenza wayekwenza egameni lenhlangan­o engeyena nomsunguli wayo.

Akungabikh­ona umuntu oba mkhulu ngaphezu kwenhlanga­no ngoba sizoba nenkinga kusasa ngoba awukho umgomo olawula le nqubo. BDK ETHEKWINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa