Inhlanhla uTete eqhathwa nevukana
UTOMULE ivukana umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uZolani “Last Born” Tete, othole ithuba lokulwa emqhudelwaneni womhlaba, iWorld Boxing Super Series (WBSS).
NgoLwesihlanu uTete, ongumpetha weWorld Boxing Organisation (WBO) bantamweight, ubesemcimbini wokuqhathwa kwabashayisibhakela eRossiya Theatre, eMoscow, eRussia. Ubekade ethole isimemo emuva kokushaya isibhakela esinenkosi phakathi evikela ibhande lakhe ngempumelelo ku-Omar Narvaez wase-Argentina ezinyangeni ezedlule. Bayisishiyagalombili abashayisibhakela abavela emazweni ehlukene, iningi labo eliphethe izicoco zomhlaba, abazoqhuthana kwiWBSS ngosuku olusazomenyezelwa. Bazoshayana kuze kusale ababili abazobhekana kowamanqamu ngonyaka ozayo.
Emuva kokuthi iningi labalandeli besibhakela bebambe umoya ngembangi ezoqhathwa noTete, wehlelwe yinhlanhla ngesikhathi igama lakhe liqondaniswa nelikaMikhail Aloyan waseRussia onezimpi ezine kuphela esibhakeleni esikhokhelayo.
U-Aloyan, ongumpetha we-World Boxing Association International bantamweight, unerekhodi elihle esigabeni samaamesha lapho ewine khona igolide kuma-European Championships ngo-2010, wagoduka nendondo yethusi kuma-Olympic ngo-2012. Uwinele iRussia indondo yegolide kuma-World Championships ngo2011 nango-2013.
Ngokutomula u-Aloyan, iningi selivele libheke ukuthi uTete azidlulele kalula. UTete ugweme abashayisibhakela okukhona kubona ingqwele yasePhilippines, uNonito Donaire, esike yabhekana nabashayisibhakela okukhona kubona uJeffrey “Mongoose” Mathebula owasala enqamuke umhlathi ezindaweni ezimbili. UDonaire (38-5-0) uzobhekana noRyan Burnett (19-0-0) waseNorthern Ireland ongumpetha we-World Boxing Association “super” bantamweight obekade efunwa esitikini nguTete.
Kwenye impi uNaoya Inoue (16-0) waseJapan ophethe ibhande le-WBA bantamweight uzolivikela kuCarlos Payano (20-1) waseDominican Republic.
Umpetha we-International Boxing Federation, u-Emmanuel Rodriguez wasePuerto Rico (18-0), uzoxhimfana noJason Moloney (17-0) wase-Australia.