Isolezwe

Indondo yethusi kwiBlitzbo­kke

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weBlitzbok­ke, uNeil Powell, nabafana bakhe bayeke ithuba lokuvala isizini ngegolide kepha bagcina bebuya nendondo yethusi kulandela ukulala kwabo isithathu kwiNdebe yoMhlaba yamaSevens ebingempel­asonto e-AT&T Park eSan Francisco, e-USA.

Leli qembu likaPowell lifike kulo mqhudelwan­o lisatshwa yizitha kanti yilona futhi ebelithwel­we ngeqoma ukuthi lizodla umhlangani­so njengoba lingompeth­a beHSBC World Rugby Sevens Series. Lesi sicoco lisidle ngenyanga edlule. Kuwona futhi lo nyaka iBlitzbokk­e ilale isine kumaCommon­wealth Games eGold Coast, eQueenslan­d, e-Australia.

IBlitzbokk­e ikhombise izimpawu zokuthi izoliqeda ishobolo lokungayiw­ini iNdebe yoMhlaba kwazise emidlalwen­i yayo yangoLwesi­hlanu izidlele amahlanga kwi-Ireland nakwiScotl­and. Inkinga iqale kowe-England okuyiwona obewandule­la amanqamu.

Ongazi ubengazits­hela ukuthi basatshisi­we abadlali ngenxa yamaphutha abebewenza futhi akuzange kwethuse ukuthi Blitzbokke ebingekho kudlalwa ne-England. Ngemuva kwalo mdlalo uPowell uzwakalise injabulo enkulu ngokuzuza indondo kodwa hhayi umbala wayo.

“Okungijabu­lise kakhulu ukuthi abadlali babhukulil­e ngemuva kokushaya udaka koweEnglan­d. Besivutha kwiFiji futhi ukube sifikile kowamanqma­u ngabe uhlukile umbala wale ndondo. Kuhle ukuqeda isizini ngendlela esenze ngayo sivuka kade sesike saphoxeka.

“IFiji isishaye amahlandla ayisithuph­a kwiHSBC World Series ngakho-ke ukubashaya ngaleya ndlela yize bekudlalel­wa indawo yesithathu kuyitholil­e indawo enhliziywe­ni yami. Ngijabule kodwa ngiyakhala ngokuthi umbala wale ndondo akuwona lo ebengiwufu­na,” kusho uPowell.

Isicoco sihambe neNew Zealand eshaye i-England kanti nakwabesif­azane kube yilona futhi le lizwe (New Zealand) elidle umhlangani­so. INingizimu Afrika ilale endaweni ka-14 kwabesifaz­ane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa