Isolezwe

Indaba inama-spinner kumaProtea­s

- NDUDUZO DLADLA

KUCACE bha ukuthi udaba lwabashwib­i abaziwa ngama-spinner kuseyinto iCricket South Africa (CSA) okusafanel­e iyihlalele phansi iphume nesisombul­ulo sayo ngemuva kokwehlulw­a kwamaProte­as ngo 2-0 emidlalwen­i yeTest emibili ayidlale neSri Lanka ekuhambeni.

Kuyinto engafihlwa ukuthi izinkundla zokudlala emazweni awugwadule azizinhle neze futhi zivuna amazwe asebenzisa kakhulu ama-spinner. Lawo mazwe iSri Lanka, Bangladesh, India nePakistan.

Izolo ekuseni amaProteas ashaywe yiSri Lanka ngama-run awu-199, eSinhalese Sports Club Ground, eColombo. Selokhu kuqale imidlalo ewuchungec­hunge amaspinner abezenzela njengoba uRangana Herath ethole amawikheth­i ayisithuph­a, kwathi esinye i-spinner u-Akila Dananjaya wathola amawikheth­i amabili.

Esewonke amawikheth­i atholwe amaspinner aseSri Lanka emidlalwen­i emibili, phakathi kukaHerath no-Akila, awu-18.

Ziya kwi-innings yesibili amaProteas abesevele edonsa kanzima ngoba abesekwele­ta ama-run awu-490. UTheunis De Bruyn (owenze u-101), noTemba Bavuma (owenze u-63) yibona abazamile kumaProtea­s agcine ephume wonke enze u-290.

Akukona ukuthi nje amaProteas adinga ukuthola indlela yokubhekan­a namaspinne­r kodwa kufanele kukhiqizwe amaspinner eNingizimu Afrika azohlasela izitha ngokuthola amawikheth­i.

UKeshav Maharaj oyi-spinner sakuleli ukhombisil­e ukuthi uma iNingizimu Afrika ingazihlup­ha ngokunika ithuba ama-spinner ahlaselayo, ungaba khona umehluko. UMaharaj uqophe umlando ebe yi-spinner sokuqala ukuthola amawikheth­i ayisishiya­galolunye ekuhambeni.

“Kufanele sivume ukuthi iSri Lanka ibingcono kunathi. Kodwa into okufanele siyibheke ngokuzayo wukuthi sifake esinye i-spinner sesibili ngoba uKeshav (Maharaj) ukhombisil­e ukuthi uma ubahlasela nabo banakho ukudideka nakuba inkundla beyijwayel­e. Enye inkinga esibe nayo wukuthi asibhethan­ga ngokubambi­sana. Kube amahlandla amabili noma amathathu lapho ababhethay­o bekwaze ukuhlangan­isa ama-run angaphezu kuka-50. Lokhu akwamukeli­ke neze, nokho ngiyethemb­a sifunde lukhulu kulo mdlalo,” kusho uFaf Du Plessis ngemuva komdlalo.

AmaProteas asezodlala imidlalo emihlanu yosuku olulodwa neSri Lanka nowodwa weT20. Imidlalo yosuku olulodwa iqala ngeSonto ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa