Isolezwe

Uzimisele ngokulwela indawo yakhe kwiDowns

- ZAKHELE XABA

UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns, uLyle Lakay, akayicaban­gi eyokuphend­uka ukudla kwebhentsh­i kuleli qembu okuhluleke kulona inqwaba yabadlali abasezinge­ni eliphezulu.

ULakay ujoyine iSundowns ngesonto eledlule esuka kwiCape Town City watshelwa emehlweni ukuthi uzoshintsh­wa indawo ayidlalayo. Nakuba aziwa ukuthi ungumdlali wasezinhla­ngothini kodwa kwiSundown­s uzobanga indawo noTebogo Langerman noSiyabong­a Zulu emuva kwesokunxe­le.

ULakay udlale okokuqala kwiSundown­s ngesikhath­i ibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni iShell Helix Cup eFNB Stadium ngoMgqibel­o ntambama. ISundowns, edlalise abadlali abangajway­ele ukudlala, inqobe ngo 2-1.

“Ubani onganqaba efunwa yiSundowns? Impumelelo eyitholile e-Afrika yenza ungacabang­i kabili uma ingqongqoz­a. Ngesikhath­i ngizwa ukuthi iSundowns iyangifuna ngivele ngavumela phezulu ngathi ngifuna ukuhamba,” kusho uLakay.

“ISundowns inabadlali abaningi abasezinge­ni eliphezulu. Vele abantu bazohlala bekhuluma kodwa konke kulele kuwena ukuthi uyakholwa futhi usebenza kanzima. Ekugcineni abantu ngeke bakuthathe­le isinqumo, uwena onezwi lokugcina ngoba uma ufaka umfutho, uzikhandla, wenza lokhu umqeqeshi akufunayo uzokudlali­sa. Uma ungawathat­hi amathuba akuvelelay­o ngeke wazi.”

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ukusho kaningi ngesizini edlule ukuthi ukudlala kwiCAF Champions League, ukuwelela phesheya, ithuba lokudlala kwiBafana Bafana nokuhola itshe lemali yikhona abakuseben­zisayo ukudoba abadlali ukuthi bajoyine amaBrazili­ans. Kwenye yezinkulum­o zakhe uthe abadlali bamanye amaqembu kufanele bazikhethe­le ukuthi bayathembe­ka emaqenjini abo babulawe yinkemane noma bawelela ezweni loju nezinyosi okuyiChloo­rkop.

“Umqeqeshi ungitsheli­le ukuthi uyangifuna, ufuna ngize lapha. Njengoba kwaziwa ukuthi indawo engiyidlal­ayo isohlangot­hini kwesokunxe­le, ungichazel­e ukuthi kungani efuna ukungidlal­isa emuva kwesokunxe­le. Yingoba nginejuban­e.

“Uma nje umqeqeshi ekholwa ukuthi ngingawenz­a umsebenzi kuleyo ndawo, kungani ngingeke ngiyidlale? Ngikwamuke­le lokho ngoba ebholeni lesimanje noma udlala emuva kodwa uchitha isikhathi esiningi uhlasela kunokumaka,” kusho uLakay.

“Inhloso yami enkulu wukuthola indawo esikimini. Emuva kwalokho ukubamba umgqigqo kubaluleki­le, ngisize iqembu liwine izindebe njengoba lenza yonke iminyaka.”

UMosimane uyincomile indlela uLakay adlale ngayo emdlalweni wakhe wokuqala.

ISundowns izobhekana ne-AS Togo-Port emdlalweni weCAF Champions League wamaqoqo eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihl­anu. AmaBrazili­ans akuwahambe­li kahle selokhu kuqale imidlalo yamaqoqo njengoba engakawini emidlalwen­i emithathu.

 ??  ?? ARI EFSTATHIOU
ARI EFSTATHIOU
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns uLyle Lakay egqashula kuGustavo Paez weKaizer Chiefs emdlalweni weShell Helix Cup eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773....
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns uLyle Lakay egqashula kuGustavo Paez weKaizer Chiefs emdlalweni weShell Helix Cup eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773....
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa