Isolezwe

Kusinda kwehlela kowe-Ajax Cape Town

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNENGEBHE ngokuthi iqembu lakhe lingase libalwe nazodliwa yizembe usihlalo we-Ajax Cape Town, u-Ari Efstathiou, oveze inqwaba yezinkinga abhekene nazo eqenjini.

Ngokusho kwakhe izinkinga ezibonwa ngabantu kwabezinda­ba nakho konke okuthinta ukusetshen­ziswa kukaTendai Ndoro, yinto encane kakhulu kunalena abhekene nayo ngaphakath­i eqenjini.

Kuhambe abadlali abawu-11 abebesesik­imini se-Ajax ngesizini edlule. U-Ari uthe kuyinkinga lokhu ngoba abazi noma kufanele baqinisele iPremiersh­ip noma ukudlala kwiNationa­l First Division (NFD).

“Akekho owaziyo ukuthi sizobe sidlala kusiphi isigaba ngesizini ezayo kodwa okusobala wukuthi konke esizokwenz­a sizokwenza sebeqedile abanye. Lokhu kusibeka ekutheni sibe ngelinye lamaqembu angase adliwe yizembe ngisho ngabe sidlala kusiphi isigaba,” kusho u-Ari.

Namuhla i-Ajax ihlele ukufaka isicelo enkantolo sokuthi ingaqali isizini okufanele kwenzeke ngo-Agasti 4. Kusenendab­a yokuthi iPremier Soccer League (PSL) iludlulise­le phambili udaba lokuvunwa kwe-Ajax yisinqumo sejaji uDenise Fisher obeke eceleni isinqumo sikaWillia­m Mokhari SC (umahluleli weSafa) sokuphuca i-Ajax amaphuzu.

Amaphuzu abekade enikwe amanye amaqembu kodwa ngemuva kwesinqumo sikaFisher imidlalo yokuhlunga enqotshwe yiBlack Leopards ifana nento engekho. Ngenxa yalesi sinqumo sikaMokhar­i neMTN 8 kunongabaz­ane ngokuqala kwayo ngesikhath­i ngoba iyathintek­a.

Lesi sikhulu sithe sesisaba nokuyobabo­na abadlali uma beziqeqesh­a ngoba siyayazi imibuzo esiphoqele­ka ukuthi siyiphendu­le.

“Umvimba kanjani umdlali wakho othembele kuye uma ethi ucela umdedele ngoba nawe awulazi ikusasa ukuthi likuphathe­leni? Kuningi okunzima engibheken­e nakho eqenjini ngaphandle kwalokhu okukhuluny­wa ngakho kwabezinda­ba. Ngizijubil­e ngahlangan­a nabo abadlali ngoMsombul­uko ngiyozama ukubachaze­la ngesimo kodwa ngibuyele emuva ngizibonel­a kwamina ukuthi abangizwa nokuthi ngithini ngoba konke lokhu ebengibats­hela khona akwenzi lutho ukubaqinis­a idolo ngekusasa labo nemindeni yabo,” kulandisa u-Ari.

“Sibhekene nengwadla ngenxa yale nto kodwa ngeke sihlale phansi sithule uma kudlalwa ngathi. Inhloso yethu akukona ukuphazami­sa kepha sifuna ubulungisw­a. Kumanje sizama izinto ezingakaze zizanywe ukuthi sisayinise abadlali esibabonay­o ukuthi bazokwazi ukudlala kuzona zombili izigaba. Inzima le nto ngoba ithinta namaholo manje kwakhona ukuthola labo badlali wumqansa.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa