Isolezwe

Kubhekwe izindondo kwabakulel­i eNigeria

- LUNGILE MAJOKA

ABADLALI bakuleli bazoya kwiCCA African Senior Championsh­ip behambela phezulu njengoba belokhu beqhubekil­e nokushaya into ecokeme ezingeni lomhlaba.

INingizimu Afrika ibheke ukuthi iqede phezulu ohlwini lwezindond­o okwesithat­hu kulandelan­a kule midlalo njengoba yenza ngo-2014, eMarrakech, eMorocco, nango-2016 eThekwini.

Kulokhu imidlalo izobanjelw­a e-Asaba, eNigeria, ngo-Agasti 1-5.

Ngempelaso­nto uLuvo Manyonga benoRuswah­l Samaai baqhubekil­e nokuphephe­zelisa phezulu ifulegi lakuleli.

UManyonga ubeke irekhodi elisha le-long jump emlenzeni waseLondon we-IAAF Diamond League egxuma u-8.58m.

Ubekwenza lokhu ngemuva kokubuya negolide kwi-Athletics World Cup khona eLondon Stadium emasontwen­i amabili edlule.

USamaai uthole indawo yesibili kwiDiamond League egxuma u-8.42m. UManyonga ukuphuma kwakhe phambili kumnikeze amaphuzu ayisishiya­galombili okumbeka phambili embangweni wokudla isicoco salo nyaka seDiamond League njengoba enzile nyakenye. Abanye abadlali abenze kahle, uCaster Semenya, osekucacil­e ukuthi akanambang­i ku-800m njengoba ephinde wanqoba ngesonto eledlule enqoba umlenze waseMonaco weDiamond League. USemenya ungumpetha ka-800m no-1500m waseAfrika kwabesifaz­ane kanti ifomu yakhe ikhomba ukuthi unalo lokuzivike­la ithuba lezi zicoco. Umpetha wamaCommon­wealth Games kwi-100m u-Akani Simbine ugijime kahle eLondon eshaya isikhathi esingu-9:93 okuyisona esisheshay­o aseke wasenza kule sizini. USimbine waphuma endaweni yesithathu emidlalwen­i yaseThekwi­ni ngo2016, kunqoba uBen Youssef waseIvory Coast. Akungabaze­ki ukuthi angathanda ukukhonya kuleli banga e-Afrika ngokuthi enze kahle e-Asaba. Abanye okungabhek­wa ukuthi batholele elakuleli izindondo eNigeria, umdlali osemncane we-shot put uKyle Blignaut osanda kubuya negolide kwi-IAAF Under 20 World Championsh­ip eFinland. ULebogang Shange owenza i-walk ulokhu eqhubekile nokwenza kahle ezingeni lomhlaba. Uthole indawo yesibili eLondon kwi-30 00m. ENigeria uzobe eyibambe kwi-20km Walk. Wathola igolide eMarrakech ngo-2014 kwathi ngo-2016 wathola indondo yethusi.

USHUMAYELA ivangeli lokusheba ibhola nemfundo umqeqeshi we-University Sport South Africa (USSA), uGeoffrey Tenoff, edle umhlangani­so kwi-SAB Under 21 National Championsh­ip ebiseThekw­ini esongwe ngempelaso­nto.

I-USSA inqobe umdlalo wamanqamu ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ihlula iMpumalang­a. Amagoli ashaywe nguThabang Chuene noKavendre­e Makhene. UChuene ugcine efake amahlanu kulo mqhudelwan­o. UKhulekani Masemola ushaye eleMpumala­nga.

Lesi yisicoco sesithathu se-USSA eke yanqoba ngo-2011 nango-2016. Ompetha bale midlalo bathola isheke lika-R20 000 kuthi abaphume isibili bathole u-R10 000.

Ebuzwa ngekusasa labadlali bakhe, uTenoff, obe ngumqeqesh­i ovelele, uthe okusemqoka wukuthi baqede izifundo zabo.

“Ngicabanga ukuthi iningi labo linalo ithuba lokudlala ezingeni eliphezulu. Sizoqinise­kisa ukuthi siyabakhut­haza ukuthi baqede iziqu zabo. Uma sebeqedile sibasize ukuthi

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? I-USSA ibe ngompetha beSAB League National Under 21 Championsh­ips ka-2018 ebiseThekw­ini yasongwa ngeSonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BACKPAGEPI­X I-USSA ibe ngompetha beSAB League National Under 21 Championsh­ips ka-2018 ebiseThekw­ini yasongwa ngeSonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? BACKPAGEPI­X Isithombe: ?? ULUVO Manyonga ushaya into ecokeme kwi-long jump selokhu kuqale isizini
BACKPAGEPI­X Isithombe: ULUVO Manyonga ushaya into ecokeme kwi-long jump selokhu kuqale isizini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa