Isolezwe

Akayingeni eyokuya kwiChilli Boys oweZimnyam­a

- NDUDUZO DLADLA

LUSEYINDID­A udaba lomdlali wasemuva kwi-Orlando Pirates uThabo “Festival” Matlaba obekuthiwa usejoyine iChippa United ngemuva kokuboleki­swa eZimnyama.

NgoLwesihl­anu olwedlule iChilli Boys ibhale ekhasini layo likaTwitte­r yathi: “Usihlalo weqembu uSiviwe Mpengesi useqinisek­isile ukuthi uBernard Morrison, Thamsanqa Sangweni noThabo Matlaba usebasayin­isile. Bonke basuka kwiOrlando Pirates”.

Ngakolunye uhlangothi iPirates ibhale ngosuku olufanayo kwi-website yayo ukuthi nguSangwen­i oshiya leli qembu olibangisa kwiChippa, akukho ekubhale ngoMorriso­n noMatlaba esitatimen­deni.

Ngokuthola kweSolezwe uMatlaba akayingeni eyokuya kwiChippa, empeleni ugcizelela ukuthi akukho akutshelwe yiPirates ngeChilli Boys.

“Asazi thina ukuthi la mahemuhemu ashiwo ngoMatlaba aqhamukaph­i. Ngokwazi kwami ungumdlali wePirates futhi unenkontil­eka anayo neqembu,” kusho u-Abbie Rasimphi oyimenenja kaMatlaba.

Leli phephandab­a lishayele uFloyd Mbele oyisikhulu esiphezulu kwiBucs limbuza ngalolu daba. Nokho akafunanga ukuphumela obala ngokuthi ngempela kwenzekani.

“Angazi lutho ngalokho mina. Angikho futhi ehhovisi ngicela ushayele khona,” kusho uMbele oqale ngomoya omuhle okuthe sekungena igama likaMatlab­a washintsha.

Isolezwe libe selithinta uPeter Koutroulis oyisikhulu esiphezulu kwiChippa ukuze acacise ukuthi uMatlaba usesayinil­e yini kwiChilli Boys. Naye uhluleke wancama ukukhuluma into eqondile.

“Ngithinte kusasa (esho namhlanje), ngizobe senginolwa­zi lonke, okwamanje akukho ozokuthola,” kusho uKoutrouli­s.

Ngesikhath­i leli phephandab­a limbuza ukuthi ngabe iChippa ilubhale kanjani udaba lokusayina kukaMatlab­a ekhasini layo kwiTwitter ekubeni kungaqinis­ekisiwe, ubhoke

ngolaka wathi: “Ngiyakutsh­ela

ngithi ngithinte kusasa, ayisekho enye impendulo enginayo, konke kuzocaca kahle kusasa.”

Akukhona okokuqala iChippa nePirates bememezela indaba yokusayina kwabadlali kodwa kugcine kunobuhixi­hixi.

Kwaba ngesifanay­o kuThabo Rakhale noBrighton Mhlongo abagcina belibangis­a ePort Elizabeth.

Ubudlelwan­o phakathi kwala maqembu nokho bubukeka bubuhle njengoba eshintshan­a ngabadlali mihla namalanga. Phakathi kwabadlali asethengis­elane ngabo singabala uLinda Mntambo ongumgadli, Diamond Thopola odlala emuva noSangweni (Thamsanqa) ukubala abambalwa.

Kwenzeka lokhu nje, uMatlaba watshela Isolezwe ukuthi yena usazimisel­e ngokulilwe­la ijezi kwiPirates yize ephenduke ukudla kwebhentsh­i ngesizini edlule. Kuphele isizini ibhande likakapute­ni seligqokwa uHappy Jele ngenxa yokuthi uMatlaba bese esizwa ngendaba isikimu kwiBucs.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Matlaba we-Orlando Pirates kuvela ukuthi unqabile ukuya kwiChippa United abezobolek­iswa kuyona
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Matlaba we-Orlando Pirates kuvela ukuthi unqabile ukuya kwiChippa United abezobolek­iswa kuyona
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa