Indondo yethusi kwiBlitzbokke
UMQEQESHI weBlitzbokke, uNeil Powell, nabafana bakhe bayeke ithuba lokuvala isizini ngegolide kepha bagcina bebuya nendondo yethusi kulandela ukulala kwabo isithathu kwiNdebe yoMhlaba yamaSevens ebingempelasonto e-AT&T Park eSan Francisco, e-USA.
Leli qembu likaPowell lifike kulo mqhudelwano lisatshwa yizitha kanti yilona futhi ebelithwelwe ngeqoma ukuthi lizodla umhlanganiso njengoba lingompetha beHSBC World Rugby Sevens Series. Lesi sicoco lisidle ngenyanga edlule. Kuwona futhi lo nyaka iBlitzbokke ilale isine kumaCommonwealth Games eGold Coast, eQueensland, e-Australia.
IBlitzbokke ikhombise izimpawu zokuthi izoliqeda ishobolo lokungayiwini iNdebe yoMhlaba kwazise emidlalweni yayo yangoLwesihlanu izidlele amahlanga kwi-Ireland nakwiScotland. Inkinga iqale kowe-England okuyiwona obewandulela amanqamu.
Ongazi ubengazitshela ukuthi basatshisiwe abadlali ngenxa yamaphutha abebewenza futhi akuzange kwethuse ukuthi Blitzbokke ebingekho kudlalwa ne-England. Ngemuva kwalo mdlalo uPowell uzwakalise injabulo enkulu ngokuzuza indondo kodwa hhayi umbala wayo.
“Okungijabulise kakhulu ukuthi abadlali babhukulile ngemuva kokushaya udaka koweEngland. Besivutha kwiFiji futhi ukube sifikile kowamanqmau ngabe uhlukile umbala wale ndondo. Kuhle ukuqeda isizini ngendlela esenze ngayo sivuka kade sesike saphoxeka.
“IFiji isishaye amahlandla ayisithupha kwiHSBC World Series ngakho-ke ukubashaya ngaleya ndlela yize bekudlalelwa indawo yesithathu kuyitholile indawo enhliziyweni yami. Ngijabule kodwa ngiyakhala ngokuthi umbala wale ndondo akuwona lo ebengiwufuna,” kusho uPowell.
Isicoco sihambe neNew Zealand eshaye i-England kanti nakwabesifazane kube yilona futhi le lizwe (New Zealand) elidle umhlanganiso. INingizimu Afrika ilale endaweni ka-14 kwabesifazane.