Indaba inama-spinner kumaProteas
KUCACE bha ukuthi udaba lwabashwibi abaziwa ngama-spinner kuseyinto iCricket South Africa (CSA) okusafanele iyihlalele phansi iphume nesisombululo sayo ngemuva kokwehlulwa kwamaProteas ngo 2-0 emidlalweni yeTest emibili ayidlale neSri Lanka ekuhambeni.
Kuyinto engafihlwa ukuthi izinkundla zokudlala emazweni awugwadule azizinhle neze futhi zivuna amazwe asebenzisa kakhulu ama-spinner. Lawo mazwe iSri Lanka, Bangladesh, India nePakistan.
Izolo ekuseni amaProteas ashaywe yiSri Lanka ngama-run awu-199, eSinhalese Sports Club Ground, eColombo. Selokhu kuqale imidlalo ewuchungechunge amaspinner abezenzela njengoba uRangana Herath ethole amawikhethi ayisithupha, kwathi esinye i-spinner u-Akila Dananjaya wathola amawikhethi amabili.
Esewonke amawikhethi atholwe amaspinner aseSri Lanka emidlalweni emibili, phakathi kukaHerath no-Akila, awu-18.
Ziya kwi-innings yesibili amaProteas abesevele edonsa kanzima ngoba abesekweleta ama-run awu-490. UTheunis De Bruyn (owenze u-101), noTemba Bavuma (owenze u-63) yibona abazamile kumaProteas agcine ephume wonke enze u-290.
Akukona ukuthi nje amaProteas adinga ukuthola indlela yokubhekana namaspinner kodwa kufanele kukhiqizwe amaspinner eNingizimu Afrika azohlasela izitha ngokuthola amawikhethi.
UKeshav Maharaj oyi-spinner sakuleli ukhombisile ukuthi uma iNingizimu Afrika ingazihlupha ngokunika ithuba ama-spinner ahlaselayo, ungaba khona umehluko. UMaharaj uqophe umlando ebe yi-spinner sokuqala ukuthola amawikhethi ayisishiyagalolunye ekuhambeni.
“Kufanele sivume ukuthi iSri Lanka ibingcono kunathi. Kodwa into okufanele siyibheke ngokuzayo wukuthi sifake esinye i-spinner sesibili ngoba uKeshav (Maharaj) ukhombisile ukuthi uma ubahlasela nabo banakho ukudideka nakuba inkundla beyijwayele. Enye inkinga esibe nayo wukuthi asibhethanga ngokubambisana. Kube amahlandla amabili noma amathathu lapho ababhethayo bekwaze ukuhlanganisa ama-run angaphezu kuka-50. Lokhu akwamukelike neze, nokho ngiyethemba sifunde lukhulu kulo mdlalo,” kusho uFaf Du Plessis ngemuva komdlalo.
AmaProteas asezodlala imidlalo emihlanu yosuku olulodwa neSri Lanka nowodwa weT20. Imidlalo yosuku olulodwa iqala ngeSonto ekuseni.