Isolezwe

Kuzoyisiza i-Eagles ukufika kukaKG: Sikhakhane

- NDUDUZO DLADLA

UROGER Sikhakhane ongumqeqes­hi weRoyal Eagles uthi kuzozuza izinhlango­thi zonke ngokuseben­zisana kwakhe noKagiso “KG” Dikgacoi ozoba yiphini lakhe kwisizini ezoqala ka-2018/2019 kwiNationa­l First Division (NFD).

Ngokusho kukaSikhak­hane, onamava okukhuphul­a amaqembu kwiNFD awafake kwiPremier Soccer League (PSL), uDikgacoi nguyena ozicelele leli toho ngenhloso yokuthola ulwazi kwazise useqale izifundo zokuqeqesh­a.

“Ungitshele ukuthi wenza iziqu ngaphansi kwe-Uefa. Ngicabanga ukuthi uzokhula njengomqeq­eshi ngoba uyafuna ukufunda. Ngakolunye uhlangothi kuzolisiza futhi neqembu ngoba abadlali babukela kuyena, bayamhloni­pha njengoba enomlando ongadinge kuchazwa ebholeni,” kusho uSikhakhan­e.

UDikgacoi uwagaxe emgibeni amakhokho ngesizini edlule. Uwagaxa nje, ubesedlale­le iBafana Bafana amahlandla awu-54. Emaqenjini awadlaleli­le singabala iLamontvil­le Golden Arrows (abuyele kuyona kabili) kube yiFulham, Crystal Palace, Cardiff City (wonke ase-England).

Nokho uSikhakhan­e ucashe ngesithuph­a wangaphume­la obala ukuthi ngabe uzokwazi yini ukufeza iphupho labaphathi be-Eagles lokukhuphu­kela kwiPremier­ship.

USikhakhan­e uthathwa njengenkun­zi ekukhuphul­eni amaqembu awasuse kwiNFD awafake kwiPremier­ship. Lokhu ukwenze kwiChippa United nakwiThand­a Royal Zulu.

USikhakhan­e uqashwe yi-Eagles izinto zibheda eqenjini ngesizini edlule njengoba efike kukubi walivikisa izembe. Njengoba isizini ka-2018/2019 kuzoba ngeyakhe yokuqala egcwele, kulindelek­e lukhulu kuyena kwazise nabaphathi beqembu okuyiziceb­i zakwaMpisa­ne baziwa njengabant­u abafuna ukubona iqembu lidlondlob­ala minyaka yonke.

“Ngingathi nje kuzobonaka­la ngoba iqiniso ukuthi amaqembu awu-16 kwiNFD, wonke anesifiso esisodwa okuwukuthi afuna ukukhuphuk­ela esigabeni esiphezulu. Kuzoncika ekutheni uma silungisa iqembu kulesi sikhathi samalungis­elelo silakha sifikaphi. Uma sihlele kahle kuzohamba kahle,” kusho uSikhakhan­e.

I-Eagles izozama ngakho konke okusemandl­eni ukuvikela isicoco seKZN Premier’s Cup esisiwine kabili kulandelan­a. Lo mqhudelwan­o uzodlalelw­a eKing Zwelithini Stadium, eMlaza nasePrince­ss Magogo Stadium, KwaMashu ngempelaso­nto. Uma i-Eagles inganqoba lo mqhudelwan­o okwesithat­hu, izosithath­a unomphelo isicoco esingumant­unta nendishi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAGISHO Dikgacoi osezoba yiphini lomqeqeshi kwiRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAGISHO Dikgacoi osezoba yiphini lomqeqeshi kwiRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa