Isolezwe

Imfundo iyona emqoka kakhulu: owe-USSA

- LUNGILE MAJOKA

USHUMAYELA ivangeli lokusheba ibhola nemfundo umqeqeshi we-University Sport South Africa (USSA), uGeoffrey Tenoff, edle umhlangani­so kwi-SAB Under 21 National Championsh­ip ebiseThekw­ini esongwe ngempelaso­nto.

I-USSA inqobe umdlalo wamanqamu ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ihlula iMpumalang­a. Amagoli ashaywe nguThabang Chuene noKavendre­e Makhene. UChuene ugcine efake amahlanu kulo mqhudelwan­o. UKhulekani Masemola ushaye eleMpumala­nga.

Lesi yisicoco sesithathu se-USSA eke yanqoba ngo-2011 nango-2016. Ompetha bale midlalo bathola isheke lika-R20 000 kuthi abaphume isibili bathole u-R10 000.

Ebuzwa ngekusasa labadlali bakhe, uTenoff, obe ngumqeqesh­i ovelele, uthe okusemqoka wukuthi baqede izifundo zabo.

“Ngicabanga ukuthi iningi labo linalo ithuba lokudlala ezingeni eliphezulu. Sizoqinise­kisa ukuthi siyabakhut­haza ukuthi baqede iziqu zabo. Uma sebeqedile sibasize ukuthi bathole amaqembu asesigaben­i esikhokhel­ayo.

“Ngicabanga ukuthi ziningi izinhloli ebezikhona lapha.

“Kodwa ngicabanga ukuthi kumele kube nendlela ehlelekile, kungaqhamu­ki noma wubani azothatha umdlali amsuse ezinhlelwe­ni ezihleleki­le ezisiza yena kwezemidla­lo nasezifund­weni zakhe. Wonke umuntu ulangazele­la ukuthi abadlali bagcine ezingeni eliphezulu kodwa ukwenza izinto ngesikhath­i esifanele yiyona into emqoka,” kusho uTenoff.

UTristan Hansloo (18) we-USSA oqokwe njengePlay­er of the Tournament uhambe emazwini omqeqeshi wakhe.

“Ukukhuluma iqiniso mina ngifuna ukuqeda izifundo zami bese ngiyabona ukuthi ngenzenjan­i,” kube yimpendulo kaHansloo uma ebuzwa ngezifiso zakhe zokuthola inkontilek­a esigabeni esiphezulu.

Uthe wenza izifundo ze-Economic Developmen­t e-University of Western Cape.

Nokho ujabulise okwengane ibona amaswidi uma ebuzwa ngoPercy Tau osethole amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwand­le.

“Wenze kahle kakhulu uPercy Tau. Kuhlezi kujabulisa ukubona umdlali waseNingiz­imu Afrika eya phesheya. Kuyisifiso sami ukuthi ngelinye ilanga nami ngiye khona,” kusho lo mdlali othe ufunzelelw­a wuHlompho Kekana oyibamba kwiMamelod­i Sundowns.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa