Isolezwe

Umdlalo kaMadikize­la-Mandela

- LUNGILE MAJOKA

KUZOHLONIS­HWA kuphinde kukhunjulw­e uNomzamo Winnie Madikizela-Mandela ngomdlalo ozogijinyw­a yiqembu lesizwe labesifaza­ne iBanyana Banyana.

Lezi zindaba zivezwe umengameli wenhlangan­o eyengamele ibhola kuleli, uDanny Jordaan, ngesikhath­i ezobongela abadlali beSAB Under 21 Championsh­ip esongwe eThekwini ngempelaso­nto.

UJordaan uthe bafuna lo mdlalo ufuze lona waminyaka yonke iMandela Challenge ebungaza owayengume­ngameli wokuqala wentando yabantu, uNelson Mandela ongasekho.

UMadikizel­a-Mandela waba neqhaza elikhulu ekulweleni inkululeko yomuntu omnyama eNingizimu Afrika futhi wayeshade noMandela. Ushone kulo nyaka ngemuva kokugula isikhashan­a.

“Sahlangana noWinnie ngoDisemba nyakenye samazisa ngokuthi siyafisa ukuthi simhloniph­e ngomdlalo. Nokho ugcine esishiyile. Siyaqhubek­a nezinhlelo,” kusho uJordaan.

Uthe abakalazi usuku umdlalo ozoba ngalo nokuthi kuzoba ngobani izimbangi zeBanyana. Uthe njengoba iMandela Challenge ingoNovemb­a basahlela kahle ukuze imidlalo ingashayis­ani.

Lo mengameli obuyiselwe esikhundle­ni okhethweni lobuholi beSafa ngoMeyi uphinde wadalula ukuthi azimile izinhlelo zokuthi ngonyaka ozayo kuqale iligi kazwelonke yabesifaza­ne.

Sekukhalwe kaningi ngokuthi indlela yokufukula ibhola labesifaza­ne kuleli wukuthi kube neligi esezingeni.

“Siyaqhubek­a nezinhlelo. URia Ledwaba (elinye lamaphini akhe) nguyena obheke lolo hlelo njengoba simatasa sifuna abaxhasi. Imidlalo yokuhlunga yeSasol League iba ngoDisemba, lawo maqembu yiwona azodlala kwiligi kazwelonke,” kusho uJordaan.

Khonamanja­lo iqembu lesizwe lamantomba­zane lika-Under 17, lithole indawo yesithathu kwiBricks Tournament ebiseGoli.

ABantwana, abaqeqeshw­a uSimphiwe Dludlu, bebebheken­e neRussia, Brazil, China ne-India. Basebenzis­e lo mqhudelwan­o njengendle­la yokuzilung­iselela iNdebe yoMhlaba ese-Uruguay ngoNovemba.

 ??  ??
 ??  ?? DANNY JORDAAN
DANNY JORDAAN

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa