Isolezwe

UMarawa uzozwakala emsakazwen­i maduze

-

KUPHELILE kwabebeqag­ela ngoRobert Marawa nokubuyela kwakhe eSABC emuva kokuthi inhlangano yokusakaza imemezele ngokusemth­ethweni ukuthi uzozwakala kusuka ngoAgasti 1.

Kuke kwaba nesikhulu isidididi ngokuqashw­a kwakhe emasontwen­i adlule.

Kulindelek­e ukuthi uMarawa ethule izinhlelo ezimbili kanyenye. Uzozwakala kuMetro FM ethula ezemidlalo ngoMsombul­uko kuya ngoLwesihl­anu ngo-6 kuya ku-7.

Ngezinsuku ezifanayo uzophinde azwakale kuRadio 2000 kusuka ngo-6 kuze kube wu-8 ebusuku.

Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe konke obekungaka­lungiswa phakathi kweSABC noRobert kugcine kulungisiw­e futhi iSABC isikulunge­le ukumamukel­a.

“Sikubheke ngabomvu ukuthi abuye azokwenza umsebenzi oncomekayo ezinhlelwe­ni zethu kuphinde kube nokunyuka kwabalalel­i ezinhlelwe­ni azobe ezenza njengoba beqhubeka benyuka usuku nosuku,” kusho uKaizer. UMarawa uthe lokhu ukubona njengokuqh­ubeka kobudlelwa­no bakhe neSABC nokuzinike­la kwayo ekuletheni izidingo zabantu. “Ukuthola ukwesekwa okukuleli zinga kubaluleki­le kimi ukuze ngizokwazi ukuphakela abalaleli izinhlelo ezisezinge­ni eliphezulu, ezifanele abalaleli bethu. Ukudlala kohlelo eziteshini ezimbili kanye kanye siyethemba kuzonyusa isibalo sabalaleli,” kusho yena.

Emasontwen­i adlule kuvele izindaba zokuthi kuphenywa izikhulu ezimbili zeSABC okukhona kuzo esibhekele ukusebenza khona, uChris Maroleng, okuthiwa azilandela­nga umthetho ngokuqasha uRobert.

Iphephanda­ba eliphuma ngeSonto, libike ukuthi uMaroleng noNkk Marcia Mahlalela baziswe ukuthi bazobekwa amacala ngokubuyis­a uRobert.

Uphenyo ngalolu daba lwaluqalwe ngobeyisik­hulu esibambile eSABC, uNkk Nomsa Philiso, emuva kokuthola izikhalo kubasebenz­i bekhononda ngokubuyis­wa kukaRobert.

Emacaleni obekuthiwa bazobhekan­a nawo kubalwa elokwehlis­a esikhundle­ni umsebenzi onqabe ukubhala incwadi encoma ukuthi kuqashwe kabusha uRobert.

Elesibili elokusayin­a inkontilek­a kaRobert ngaphandle kokuyihamb­isa kobhekele izimali zezemidalo ukuze asho ukuthi ikhona yini imali yokuholela uRobert.

Elesithath­u elokusayin­a inkontilek­a ezodla imali eningi eSABC ekubeni uNkk Mahlalela kufanele kube nguye oqinisekis­a ukuthi imali ayimosheki kule nhlangano.

URobert uzohola u-R7 000 ngohlelo olulodwa okusho ukuthi ngenyanga wenza u-R154 000 okuzodla iSABC u-R5.5 million eminyakeni emithathu.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UROBERT Marawa sekuqinise­kisiwe ukuthi uzoqala ukuzwakala ezinhlelwe­ni zakhe eSABC kusuka ngo-Agasti 1
Isithombe: TWITTER UROBERT Marawa sekuqinise­kisiwe ukuthi uzoqala ukuzwakala ezinhlelwe­ni zakhe eSABC kusuka ngo-Agasti 1
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa