Isolezwe

Sifisa kuhlomule iningi kule mali emenyezelw­e

-

KUSASA kuzosongwa ingqungqut­hela yeBRICS okuyinhlan­gano ehlanganis­we ngamazwe iBrazil, Russia, China neNingizim­u Afrika.

Le ngqungquth­ela okungeyesh­umi kulo nyaka iqale eGoli izolo.

Ngaphambi kwayo besekuqale kwakhona eminye imicimbi eyandulela­yo nakhona obekuhlosw­e ngayo ukubheka ukuthi la mazwe angalekele­lana kanjani ngaphandle kwezikhond­lakhondla zaseNtshon­alanga.

Emasontwen­i amabili edlule bekukhona iBRICS Media Forum eKapa. Ngeledlule eThekwini bekuneBRIC­S Business Council. Esinye sezimemeze­lo ezenziwe eThekwini sithe uhulumeni waKwaZulu-Natal uzotshala imali engaphezu kukaR200 billion kule minyaka eyisikhomb­isa ezayo.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe le mali izosetshen­ziswa ekulungise­ni imigwaqo, ojantshi bezitimela, ukuhlinzek­wa kwamanzi nokuthuthw­a kwendle, ugesi namachweba. Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi babheke amathuba okutshala imali nasezindaw­eni ezifana neRichards Bay Industrial Developmen­t Zone neDube Trade Port.

Ziyathokoz­isa lezi zindaba ezimenyeze­lwe uZikalala futhi zibuyisa ithemba ngoba uhulumeni nguye okubhekwe kuye kakhulu ukuthi enze izinhlelo ezizovula amathuba emisebenzi kungaba kwabafisa ukuqashwa noma kosomabhiz­inisi abaziseben­zayo.

Uma kunezingqu­ngquthela ezinkulu, ziningi izimemezel­o eziyaye zenziwe ezisuke zikhombisa ukuthi kuyiwa phambili.

Siyathemba-ke ukuthi le mali ezosetshen­ziswa izohlomuli­sa kakhulu abantu baseNingiz­imu Afrika futhi kwande nabantu abahlomula­yo ngemiseben­zi ekhishwa nguhulumen­i, kungahlali kungabantu ababodwa.

Sifisa kubonakale kwanda isibalo sentsha eqashwayo ngenxa yalamathub­a.

Kufanele futhi lezi zinhlelo zisize nasekuthut­hukiseni amakhono abantu bakuleli ngokuthi izinkampan­i ezizonikwa imisebenzi ziphoqelek­e ukuthi kube khona abantu ezibafundi­sa amakhono amasha ukuze kuthi noma izinkontil­eka seziphelil­e bakwazi ukuziphili­sa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa