Izincwadi ezizoyiswa ezikoleni zimi ngomumo
KUZOQALA ngekota yesithathu yonyaka ukuyiswa kwezincwadi nokokubhala ezikoleni zaKwaZulu-Natal ukulungiselela unyaka ozayo.
Lokhu kuvele emhlanganweni woMnyango wezeMfundo nekomiti lezemfundo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu, ngoLwesibili.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi izincwadi seziqalile ukufika esikhungweni lapho zigcinwa khona, osekusele nje ngukuthi ziqale zihanjiswe ezikoleni.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela umnyango, uthe izincwadi ezi-odiwe ezezikole ezingu-4 282, ezingu-3 108 ezithengelwa ngumnyango kuthi ezingu-1 720 ziyakwazi ukuzithengela.
“Kuzoqala maduzane ukuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni, kunezikole ezizizele zona emnyangweni ikakhulu lezo ezinamandla okuzithengela izincwadi zacela ukuthi zingene ohlelweni lokuthi umnyango kube yiwo ozithengela izincwadi. Zikhona nezinye ezinikiwe igunya lokuthi ziqhubeke zizithengele zona izincwadi. UNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane uhlale ekugcizelela ukuthi ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole, kumele kushe umsebenzi wokufunda nokufundisa yingakho sisheshe sizihambisa izincwadi,” kusho uMthethwa.
Phambilini kube nesikhalo kwabanye osomabhizinisi abebekhala ngokuphucwa iqatha emlonyeni ngumnyango ngoba bethi ubaphuca amandla okuthi bathengele izikole izincwadi. babekhaliswa wukuthi kulezo zikole ezinamandla okuzithengela izincwadi umnyango ubaphucile lo msebenzi wawunika inkampani esabalalisa izincwadi ezikoleni ezithengelwa ngumnyango iNdabase.
UMthethwa uthe le nkampani ilawulwa ngabantu abamnyama.
“Asinayo inkontileka nosomabhizinisi abakhala ngokuthi bafuna ukudiliva izincwadi. Sinenkontileka neNdabase. Le nkampani iphethwe abantu abamnyama.”
Uthe labo somabhizinisi basebenza nezikole ngqo wathi indawo lapho kugcinwe khona izincwadi igcwele phama.
“Emasontweni ezayo sizomema abezindaba kuyobhekwa indawo lapho kugcinwa khona izincwadi. Zizobe seziyasatshalaliswa lezi zincwadi ukuze kungabi nezinkinga uma sekuvulwa izikole,” kusho uMthethwa.
Uthe bayaziqhenya ngokuthi njalo uma kuqala unyaka akubi nezinkinga ekuhanjisweni kwezincwadi.
“Asinazo izinkinga zokuthi izincwadi azifiki ezikoleni ngoba siyashesha ukuzithenga.”
UDlungwane wathi nyakenye ezinye zezikole azizange ziwafake ama-oda okwenza ukuthi baziphuce amandla zathengelwa umnyango.
Ezinye zaphucwa amandla njengoba kwavela ukuthi zanyusa imali yezincwadi ekubeni uma zithengwa kanye kanye ziyashibha futhi zifika ngesikhathi ezikoleni.