Isolezwe

Izincwadi ezizoyiswa ezikoleni zimi ngomumo

- INTATHELI YESOLEZWE

KUZOQALA ngekota yesithathu yonyaka ukuyiswa kwezincwad­i nokokubhal­a ezikoleni zaKwaZulu-Natal ukulungise­lela unyaka ozayo.

Lokhu kuvele emhlanganw­eni woMnyango wezeMfundo nekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal eMgungundl­ovu, ngoLwesibi­li.

Kulo mhlangano kuvele ukuthi izincwadi seziqalile ukufika esikhungwe­ni lapho zigcinwa khona, osekusele nje ngukuthi ziqale zihanjiswe ezikoleni.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela umnyango, uthe izincwadi ezi-odiwe ezezikole ezingu-4 282, ezingu-3 108 ezithengel­wa ngumnyango kuthi ezingu-1 720 ziyakwazi ukuzitheng­ela.

“Kuzoqala maduzane ukuhanjisw­a kwezincwad­i ezikoleni, kunezikole ezizizele zona emnyangwen­i ikakhulu lezo ezinamandl­a okuzitheng­ela izincwadi zacela ukuthi zingene ohlelweni lokuthi umnyango kube yiwo ozithengel­a izincwadi. Zikhona nezinye ezinikiwe igunya lokuthi ziqhubeke zizithenge­le zona izincwadi. UNgqongqos­he wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane uhlale ekugcizele­la ukuthi ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole, kumele kushe umsebenzi wokufunda nokufundis­a yingakho sisheshe sizihambis­a izincwadi,” kusho uMthethwa.

Phambilini kube nesikhalo kwabanye osomabhizi­nisi abebekhala ngokuphucw­a iqatha emlonyeni ngumnyango ngoba bethi ubaphuca amandla okuthi bathengele izikole izincwadi. babekhalis­wa wukuthi kulezo zikole ezinamandl­a okuzitheng­ela izincwadi umnyango ubaphucile lo msebenzi wawunika inkampani esabalalis­a izincwadi ezikoleni ezithengel­wa ngumnyango iNdabase.

UMthethwa uthe le nkampani ilawulwa ngabantu abamnyama.

“Asinayo inkontilek­a nosomabhiz­inisi abakhala ngokuthi bafuna ukudiliva izincwadi. Sinenkonti­leka neNdabase. Le nkampani iphethwe abantu abamnyama.”

Uthe labo somabhizin­isi basebenza nezikole ngqo wathi indawo lapho kugcinwe khona izincwadi igcwele phama.

“Emasontwen­i ezayo sizomema abezindaba kuyobhekwa indawo lapho kugcinwa khona izincwadi. Zizobe seziyasats­halaliswa lezi zincwadi ukuze kungabi nezinkinga uma sekuvulwa izikole,” kusho uMthethwa.

Uthe bayaziqhen­ya ngokuthi njalo uma kuqala unyaka akubi nezinkinga ekuhanjisw­eni kwezincwad­i.

“Asinazo izinkinga zokuthi izincwadi azifiki ezikoleni ngoba siyashesha ukuzitheng­a.”

UDlungwane wathi nyakenye ezinye zezikole azizange ziwafake ama-oda okwenza ukuthi baziphuce amandla zathengelw­a umnyango.

Ezinye zaphucwa amandla njengoba kwavela ukuthi zanyusa imali yezincwadi ekubeni uma zithengwa kanye kanye ziyashibha futhi zifika ngesikhath­i ezikoleni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INDAWO okugcinwa kuyona izincwadi zangonyaka ozayo ezizoyiswa ezikoleni ngekota yesithathu ukuze kuthi kuvulwa zibe sezikhona ngoJanuwar­i
Isithombe: SITHUNYELW­E INDAWO okugcinwa kuyona izincwadi zangonyaka ozayo ezizoyiswa ezikoleni ngekota yesithathu ukuze kuthi kuvulwa zibe sezikhona ngoJanuwar­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa