Isolezwe

I-Arrows ivivinya umgadli omusha wase-Europe

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IFIHLE induku emqubeni ngomgadli wase-Europe iLamontvil­le Golden Arrows esivele isisayinis­e isitobha saseZimbab­we ngenhloso yokuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha ka-2018/2019 neMaritzbu­rg United ngo-Agasti 5.

Nakuba ezishaya isifuba ngakwazi ngalo mgadli kodwa uClinton Larsen ubengazimi­sele ukudalula okuningi ngenduku yakhe ayigawule ezizweni ngaphandle kokuthi unethemba lokuthi kube yilokhu akucabanga­yo.

“Ngeke ngande kakhulu ngaye kodwa uzofika kusasa (esho izolo ekuseni) bese simhlola izinsuku eziyishumi. Ngemuva kwalokho sizobe sesiyanqum­a. Imbangela yokungadal­uli lutho ngaye ukuthi asifuni ukungena esikhinsin­i, osekuwele kusona amaqembu amaningi. Abadlali bafika kuleli beze kwelinye iqembu kodwa bazithole sebekwaman­ye, manje lokhu kuyasifund­isa ukuthi singangeni ogibeni olufanayo,” kusho lo mqeqeshi.

ULarsen utshele Isolezwe ukuthi weneme ngakho konke okwenzekay­o eqenjini ngaphandle kokulinyal­elwa uZolani Nkombelo kanti usanda kudedela uLehlohono­lo Nonyane. UNkombelo uphuke eziqeqesha ne-Arrows, uzohlala isikhashan­a engabonaka­li ngenxa yalokhu kulimala.

“Isilungile indaba kaNkombelo ngoba sesisivali­le isikhala sakhe ngoDevine (Lunga) waseZimbab­we. Ngeke singene sigxile kakhulu emakethe ngoba sizoqhubek­a nebesikwen­za ngabadlali bethu beMulticho­ice Diski Challenge. Sisesontwe­ni lesithupha siziqeqesh­a futhi ngineme ngakho konke. Ngeke vele ngikwazi ukukala ukuthi sikulungel­e kangakanan­i ukuqala kwesizini kodwa ngijabule ngengikubo­na emidlalwen­i yokuzwana amandla,” kusho uLarsen.

Uqinisekis­e ukuthi bahambile eqenjini uJabulani Shongwe osekwiChip­pa United, Kudakwashe Mahachi oye kwi-Orlando Pirates, Thomas Chideu, odedelwe yize ebengathan­di lo mqeqeshi, noNonyane ohlale isikhathi eside engadlali ngesizini edlule ngenxa yokulimala. Uzama inhlanhla kwiBidvest Wits uNonyane ngenhloso yokusayina.

ULarsen ephawula ngoLunga, obedlalela iChicken Inn yaseZimbab­we, wayidlala yonke idla isicoco seCosafa Cup muva nje, uthe uzomangaza abaningi. Ngeke nokho abe nesizungu uLunga kuleli qembu yize ehambile uMahachi ngoba bakhona uDanny Phiri noKnox Mutizwa bobabili abazi ukusuka nokuhlala.

Ngesizini edlule uPhiri uhlale isikhathi engadlali ngenxa yokulimala. Kwenzeke into efanayo naku-Andile Fikizolo njengoba sekunguNko­mbelo manje. Umgadli omusha uzobe engekho kwiPremier­s Cup ngempelaso­nto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa