Isolezwe

IKaizer Chiefs ihlola abadume ngokungala­li

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IKAIZER Chiefs, esanda kuphumela obala ngokuthi ayikaqedi ukusayinis­a abadlali, ihlola uMzikayise Mashaba ogcine ukubonakal­a kwiMamelod­i Sundowns no-Ayabulela Konqobe osanda kushiya kwiChippa United.

Bobabili laba badlali banomlando omubi wokuba sezindaben­i ngendlela engeyinhle abaziphath­a ngayo uma bengaphand­le kwenkundla.

UMashaba, elingangat­shazwa ikhono lakhe, ugcine ukubonakal­a kwiSundown­s ngoMeyi ka-2017 okusho ukuthi sekuphele unyaka engalithin­ti ibhola. Indawo ayidlalayo isanda kuvuleka ngokungavu­selelwa kwezinkont­ileka zoTsepo Masilela noSibusiso Khumalo, okhonjwa kwi-Ajax Cape Town.

Lo mdlali, obekubuye kuvele izindaba ezingezinh­le ngaye ngendlela abeziphath­a ngayo ize imxabanise noPitso Mosimane, usekhonjwe emaqenjini amaningi njengoba kuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali okubalwa kuwona iBidvest Wits, Lamontvill­e Golden Arrows neHighland­s Park.

Akwethusi ukuthi uMashaba ufunwa amaqembu amaningi kanti uma ezothembis­a kuGiovanni Solinas ukuthi uzobayeka abangani ababi (abuye akhale ngokuthi yibona abamphazam­isayo) uzoyithola indawo ngoba uwumdlali oseqophelw­eni.

IChiefs yiqembu elinomthet­ho futhi abadlali bayo bahlale njalo bekhombisa izimpawu zokuthi bayafundis­wa ngokuzipha­tha ngakho-ke uma uMashaba noKonqobe bezimisele ngokuthola izindawo kuleli qembu kuzofanele basuke ezindabeni ezingezinh­le.

UKonqobe, oke wadlala kuMaZulu ne-Ajax, naye izindaba ezingezinh­le zihlale zimlandela kangangoku­thi kuze kwadingeka ukuba achaze ukuthi usale kanjani endizeni kade Usuthu luyodlala neMbombela United. Kuthiwa lo mdlali usale kule ndiza ngoba ekade ezikhiphil­e ebusuku wase eqisa kukona konke ayekwenza ngalolo suku.

Eziphendul­ela kulokhu uKonqobe wathi, yena akayena umuntu omubi kodwa kukhona isimo esingesihl­e empilweni yakhe ebesimmpin­tshile. Ungumdlali okahle futhi ikhono lakhe alingatsha­zwa kwazise nasemaqenj­ini amancane esizwe usedlale kuwona wonke.

Okungacaci ukuthi uma iChiefs imsayinisa izokhokha yini kwiChippa ngoba usenenkont­ileka nayo. Yize kunjalo kodwa iChippa isanda kumumemeze­la njengomdla­li ohambile uKonqobe.

Kuthintwa uVina Maphosa weChiefs ngalaba badlali uthe usanda kubuya eholidini ngakhoke abekho abadlali abaziyo ukuthi bayahlolwa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI waMaZulu, uCavin Johnson, akumkhatha­zi ukuthi iqembu lakhe lingase lingadlali kwiMTN 8
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI waMaZulu, uCavin Johnson, akumkhatha­zi ukuthi iqembu lakhe lingase lingadlali kwiMTN 8
 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMZIKAYISE Mashaba ogcine ukubonakal­a kwiMamelod­i Sundowns kuvela ukuthi uziqeqesha neKaizer Chiefs
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMZIKAYISE Mashaba ogcine ukubonakal­a kwiMamelod­i Sundowns kuvela ukuthi uziqeqesha neKaizer Chiefs
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa