Isolezwe

Abakabanjw­a namanje abamabhomu

- BONISWA MOHALE

AKUKABOSHW­A muntu ngokutholw­a kwamabhomu ezitolo zakwaWoolw­orths. UBrigadier Hangwani Mulaudzi woKlebe uthe akekho oseboshiwe ngezigamek­o zokutholak­ala kwamabhomu nangokusab­isa ngokuthi kunamabhom­u ezindaweni ezehlukene.

UMulaudzi utshele Isolezwe ukuthi basebenza kanzima ukuphenya izigameko zokutholwa kwamabhomu nezokusabi­sa ngawo kodwa okwamanje akekho asebemboph­ile.

“Ukhona umsolwa oke waphonswa imibuzo kodwa ubuye wadedelwa ngoba akukho obekumhlan­ganisa namabhomu atholwe ezindaweni ezihlukene eThekwini. Abantu sithi abaqhubeke nokuya ezitolo abazithand­ayo ngoba sisebenza kanzima ukuthola isixazulul­o salolu daba,” kusho uMulaudzi.

Ucele abasabisa ngokuthi kunamabhom­u ezindaweni ezehlukene ukuthi bawuyeke lo mkhuba ngoba kuyicala ukuwenza futhi uma bebanjwa bazovalelw­a ejele.

Iphephanda­ba elinguzakw­abo weSolezwe, iSunday Tribune libike ukuthi umsolwa uboshwe eshutha izithombe esitolo sakwaWoolw­orths.

Ababhekele abezindaba kwaWoolwor­ths bathe basebenzis­ana namaphoyis­a ukuqinisek­isa ukuphepha kwamakhasi­mende.

“Asikwazi ukuphawula kabanzi ngalolu daba ngoba sisebenzis­ana namaphoyis­a. Sicela abantu basibekeze­lele kulesi sikhathi esinzima. Abantu bazoseshwa uma bengena ezitolo zethu futhi siyabachaz­ela ukuthi lokhu sikwenzela ukuphepha kwabo. Siyacela babekezele ngoba ezokupheph­a zizoqina kuzo zonke izitolo zethu,” kusho abakwaWool­worths.

Okwamanje izigameko zokutholak­ala kwamabhomu zisabikwe ezitolo zakwaWoolw­orths eziseThekw­ini namaphethe­lo.

Sekuke kwatholwa ibhomu kwaWoolwor­ths osenxanxat­heleni yezitolo iPavilion naseGatewa­y kwathi eBridge City kwasatshis­wa ngokuthi likhona kodwa langathola­kala, elinye litholwe kuWoolwort­hs osenkabeni yeTheku.

Wonke amabhomu atholwe kulezi zitolo ngaphambi kokuthi aqhume kwazise amaphoyisa ophiko lweziqhuma­ne afike awahlakaze masisha.

Izazi zokuphepha zithe abantu abehlise amaphaphu ngoba yize kusetshenz­iswa amabhomu afana nalawo asetshenzi­swa ngabashoko­bezi kodwa abukho ubufakazi obeseka izinsolo zokuthi iNingizimu Afrika isihlaselw­e ngabashoko­bezi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa