Isolezwe

Ziya phambili izingxoxo zamaholo

- BONISWA MOHALE

ZIZOQHUBEK­A ngoLwesihl­anu izingxoxo zamaholo phakathi kwezinyuny­ana zabasebenz­i nabaphathi be-Eskom.

Lezi zindaba zidalulwe nguNobhala­la Jikelele weNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba. UJim uthe basamile ekutheni abasebenzi kufanele bathole amabhonasi ngoba basebenze kanzima futhi abangeni ndawo ekutheni le nkampani ayiyenzang­a inzuzo. “Sihlangane ne-Eskom ngempelaso­nto; kuyithina (Numsa), iNationa Union of Mineworker­s (NUM) neSolidari­ty. Sibanikeze isiphakami­so esithemba ukuthi sizoxazulu­la inkinga yokunyuswa kwamaholo. Akwamukele­kile ukuthi abasebenzi basayine isivumelwa­no sokuthi bazothola amabhonasi uma besebenza ngendlela ethile bese kuthi uma inkampani iba nezinkinga ahoxiswe,” kusho uJim. Uphinde wacela i-Eskom ukuthi ihoxise uhlelo lwabakhiqi­za ugesi ngokuzimel­a olubizwa nge-Independen­t Power Producers (IPP) ngoba yilona oludla imali yale nkampani.

“Okwamanje i-Eskom izoxhumana neBhodi nabanye abaphathi babo, kuzothi ngo-Agasti 3 babuyele kuthina ngalokho abavumelen­e ngakho. Siyathemba sizoshesha sisithole isixazulul­o ngoba asithandi ukudlulise­la lolu daba kumxazulul­i kodwa sizokwenza njalo uma singasitho­li isisombulu­lo,” kusho uJim.

UMnuz Livhuwani Mamburu obhekelele ezokuxhuma­na kwiNUM, ucele i-Eskom ukuthi ikhokhele abasebenzi amabhonasi ngoba basebenze kahle bakwenza konke obekulinde­leke kubo.

Ekhuluma nabezindab­a uMnuz Khulu Phasiwe, obhekelele ezokuxhuma­na e-Eskom, uthe izingxoxo nezinyunya­na ziyaqhubek­a futhi bayajabula ngalokhu.

Uthe okwamanje i-Eskom ibingakabe­ki lutho oluthitha amabhonasi ngoba ilahlekelw­e nguR2.3 billion ngonyaka wezimali ophelile.

 ?? Isithombe: RESCUE CARE ?? INGOZI yezimoto ezimbili okushone kuyo amalungu omndeni amane ngoMgqibel­o
Isithombe: RESCUE CARE INGOZI yezimoto ezimbili okushone kuyo amalungu omndeni amane ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa