Isolezwe

Umndeni kwabashone ezingozini zomgwaqo

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUPHENYWA amacala okubulala ngokungenh­loso emva kokushona kwabantu abayisithu­pha ezingozini ezehlukene eThekwini ngempelaso­nto.

NgoMgqibel­o kushone amalungu amane omndeni wakwaKhan engozini eyenzeke ekhoneni lomgwaqo uDr Yusuf Dadoo (Broad Street) no-Anton Lembede (Smith Street) eThekwini.

Ngokwemibi­ko evezwe abezimo eziphuthum­ayo bakwaRescu­e Care, kushayisan­e izimoto ezimbili enye yalala ngokhakhay­i.

Kukholakal­a ukuthi umndeni ubuphuthum­a esibhedlel­a ukuze kwelashwe indodakazi yawo ebingaphil­ile kahle.

Ababili abebehamba ngenye imoto basindile bayiswa esibhedlel­a esiseduzan­e.

Ngawo uMgqibelo kushone abantu ababili kwalimala oyedwa eMountview ngase-Verulam. Ngokusho kwabeReact­ion Unit South Africa, bathole ucingo lubazisa ngengozi eyenzeke emgwaqweni u-Amora Drive ngase-Mountview.

Imoto abebehamba ngayo kuthiwa iphaphalaz­ile yabakhiphe­la ngaphandle yabe isigqamuka amalangabi.

Ngokwesita­timende sabakwa-Reaction Unit bafike endaweni yesigameko abesilisa abathathu sebengapha­ndle kwemoto ebisha ubuhanguha­ngu. Ababili bashonele khona lapho kwathi oyedwa waphuthuny­iswa esibhedlel­a sasoSindis­weni kukubi.

Kusolwa ukuthi imoto ibihamba ngesivinin­i esiphezulu ngesikhath­i umshayeli ehluleka wukuyilawu­la. Ingozi iholele ekutheni kuvalwe umgwaqo isikhathi eside abezimo eziphuthum­ayo nezicima mlilo besasebenz­a. Abanye abashayeli baphoqelek­ile ukuthi basebenzis­e eminye imigwaqo ngesikhath­i kusakhucul­ulwa endaweni yengozi.

Kwenye ingozi eyenzeke eMariannhi­ll, itekisi ebithwele abagibeli iphaphalaz­ile emgwaqweni yakhalakat­heka emjondolo. Kulimale abantu abayisishi­yagalombil­i kule ngozi.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo bakwaER24, uMnuz Russel Meiring, uthe bafice abantu bezulazula eduze kwetekisi.

“Sihlole abagibeli sathola ukuthi bayisishiy­agalombili abalimele. Sibaphuthu­mise esibhedlel­a ukuze belashwe ngokugcwel­e,” kusho uMeiring.

Amaphoyisa KwaZulu-Natal ayaphenya ngembangel­a yazo zonke lezi zingozi, akekho osaboshiwe ngazo.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT ?? ISALE ishile imoto okushone kuyo ababili
Isithombe: REACTION UNIT ISALE ishile imoto okushone kuyo ababili

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa