Isolezwe

UKomphela akazisoli ngokuboza kweChiefs

- NDUDUZO DLADLA

AKAZISOLI namanje ngendlela yokudlala abeyiseben­zisa kwiKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela osengumqeq­eshi weBloemfon­tein Celtic. Ngokusho kwalo mqeqeshi, i-4-3-3 abeyiseben­zisa kwiZimpofa­na iyindlela yokudlala efanele ebholeni lesimanje, nathe okufakazel­a lokho ukudlala ibhola elinenkosi phakathi kweBelgium ne-England kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a.

UKomphela uveze ukuthi uthwale kanzima kwiChiefs iminyaka emithathu ehlaselwa yizintathe­li, nabalandel­i bebhola kuleli, bemsola ngendlela yakhe yokudlala. Sekungumla­ndo ukuthi uphume ngesamagun­dane kuleli qembu laseNature­na, esula isigubhuka­ne ngemuva kokushaywa iFree State Stars ngo 2-0 kowamandul­ela owamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-Ephreli.

“Ngiyethemb­a sonke bathandi banobhutsh­uzwayo sifundile kokwenzeke eRussia kwiNdebe yoMhlaba. Amazwe amabili ayedlala kowandulel­a owamanqamu okuyiBelgi­um ne-England bebesebenz­isa yona futhi ibasebenze­lile. Ngokwami iBelgium bekuyilona eqembu ebelidlala ingcwenga yebhola eRussia, kanti uma ubuka i-England ikhombise ukukhula okukhulu kunalokho ebesiyazel­a khona kwiNdebe yoMhlaba. Kuyishwa-ke ukuthi izintathel­i zazingayiz­wa indlela yami yokudlala kodwa namhlanje kuyakhombi­sa ukuthi iyasebenza,” kuchaza uKomphela obebuye asebenzise i-4-5-1 ebigxekwa ngokuthi yandisa kakhulu abadlali basemuva.

Ebuzwa ukuthi ubona ukuthi iyozala nkomoni kule sizini kwi-Absa Premiershi­p njengoba ngempelaso­nto iqala imidlalo uthe, “Uma ubuka iMamelodi Sundowns kuningi kakhulu okushintsh­ile, ngakolunye uhlangothi ukushintsh­a kwabaqeqes­hi kweChiefs nakho kuzoba nomthelela esizowubon­a. Ukuvuka kwe-Orlando Pirates eqede isizini ivutha ingabaselw­e, konke lokhu kudinga ukuthi ukucabangi­sise ngoba kujulile. Nokho ngingathi silindele isizini ezoba mnandi kakhulu.”

Ngesikhath­i uKomphela esacija iChiefs, uLorenzo Gordinho wabolekisw­a kwiCeltic, ekhala ngokuthi ijezi akalitholi. Sebephinde baficana kwiSiwelel­e, nokho kulokhu kubonakala sengathi uKomphela usecula elinye iculo.

“Uziqeqesha kanye neqembu, futhi uzimisele ngendlela emangalisa­yo. Ngike ngasebenza naye (uGordinho) benoLucky Baloyi (kwiChiefs), ngakho bayakwazi engikufuna kubona. Engingakus­ho nje ukuthi akusavumi ngilinde kuqale isizini ngoba amalungise­lelo ahamba kahle kakhulu,” uphethe kanje uKomphela.

 ??  ?? STEVE KOMPHELA
STEVE KOMPHELA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa