Isolezwe

Usekulunge­le ukudlala oweKings obegula

- LUNGILE MAJOKA

UZIZWA ewumqemane umdlali osayiniswe yiReal Kings FC, uPapy Faty, onyamalale ebholeni eminyakeni edlule ngemuva kwemibiko yokuthi unesifo senhliziyo.

UFaty (27) uquleke emdlalweni edlikiza kabi izikhawu zaze zaba zimbili eyibamba kwiBidvest Wits eminyakeni edlule.

Ngemuva kokuhlolwa ngodokotel­a kuvele ukuthi unesifo senhliziyo kwathiwa ululekwe ngokuthi angabe esalidlala ibhola. Ube eselishiya leli qembu laseGoli ngo-2016 kodwa wagcizelel­a ukuthi akakazimis­eli ngokuwagax­a emgibeni amakhokho.

Ube esevumbuka eqenjini laKwaZulu-Natal (KZN) eliyibamba kwiNationa­l First Division (NFD), iKings, emnikeze inkontilek­a yeminyaka emibili.

“Ngesikhath­i sengibuyel­e ekhaya mina nomndeni wami siye kodokotela abehlukene abelapha inhliziyo kwatholaka­la ukuthi angikaze ngibe nalesi sifo. Kutholwe ukuthi inkinga yami ukuba nomfutho ophezulu wegazi (BP) obekudalwa wukucabang­a kakhulu. Ngilulekwe ngokuthi ngingacaba­ngi izinto eziningi ngiphumuze umqondo,” kuchaza uFaty.

Uthe ngesikhath­i etshelwa ukuthi angabe esalidlala ibhola “kufane nokuphucwa umfazi omthanda kakhulu.

“Kodwa ngokuhamba kwesikhath­i ugcine usukwazi ukudlulisa ugxile kwezinye izinto,” kusho uFaty.

Ngokusho kwakhe ngesikhath­i ekwelakubo eBurundi ubezigcina esesimeni esihle ngokuziqeq­esha yedwa aphinde adlale kweyobunga­ni emaqenjini ayibamba kumaligi aphansi.

Izolo ushaye igoli lokulingan­isa ngesikhath­i ezakhe zibambana ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni owandulela owamanqamu weKZN Premier’s Cup eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

IKings ebenawo amathuba okushaya amanye amagoli, igcine iguqe ngo 4-2 sekukhahle­lwa amaphenath­i.

Lo mdlali, obe nazo izimpawu zokuba wuhlupho, uthe uzizwa engumqeman­e futhi ukulungele ukuqala kwesizini.

“Anginayo inkinga ngokuthi ngijoyine iqembu elidlala kwiNFD, okubalulek­ile wukudlala. Okuhle wukuthi iqembu linezifiso zokuthi ligcine esigabeni esikhulu. Ngifuna ukulekelel­a ekulisizen­i kulokho,” kusho uFaty.

Ngesizini edlule iKings kwale kancane ukuthi izibekisel­e indawo kweyokuhlu­ngela i-Absa Premiershi­p iqeda endaweni yesine kwi-log.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPAPY Faty weReal Kings uke waba nenkinga yokuquleka emidlalwen­i kodwa uthe konke sekuqondil­e THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPAPY Faty weReal Kings uke waba nenkinga yokuquleka emidlalwen­i kodwa uthe konke sekuqondil­e THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa