Isolezwe

Kuwahambel­e kahle amaProteas enqoba

- NDUDUZO DLADLA

AYIQALE kahle imidlalo yosuku olulodwa amaProteas, equmba phansi iSri Lanka ngamawikhe­thi amahlanu emdlalweni obuseRangi­ri Dambulla Internatio­nal Stadium izolo.

Lona bekuwumdla­lo wokuqala kwemihlanu yosuku olulodwa ezodlalwa yila maqembu.

I-toss iSri Linka iyona eyinqobile, yakhetha ukuthi izobhetha kuqala kwazise inkundla ibizoqina kakhulu uma kuphakama ilanga obekuzokwe­nza iqembu elizobheth­a emini noma ntambama libe nenkinga yokuthola ama-run.

Nokho, lelo qhinga alisebenza­nga njengoba osokhaya bekhishwe bonke benze 193, kuma-over awu-34.3. UKusal Perera, owenze u-81 noThisara Perera owenze u-49, yibona abadlale kahle kwiSri Lanka ebibukeka ididekile.

Abashwibi baseNingiz­imu Afrika, uTabraiz Shamsi noKagiso Rabada, benze umsebenzi oncomekayo njengoba bethole amawikheth­i amane umuntu ngamunye.

ULungi Ngidi yena ukwaze ukuthola eyodwa.

Kube sekubhetha amaProteas adlale kahle kakhulu njengoba kuwathathe ama-over awu31 ukufica isikweletu ebesibekwe iSri Lanka.

U-JP Duminy uyena obe yiqhawe njengoba enze ama-run awu-53 engakhishi­we, kanti ukaputeni wamaProtea­s, uFaf Du Plessis, wenze awu-47 benoQuinto­n de Cock. “Sidlale kahle kakhulu kwazise konke ebesikuhle­lile kwenzeke njengoba besifisa. Okungichaz­e kakhulu indlela esidlale ngayo sibhekene namaspinne­r aseSri Lanka. Asizange siwacenge nhlobo kodwa sivele sawahlasel­a kwaba nokubambis­ana okuhle singabadla­li. Sizolokhu siqhubeke njalo, sifunda emaphuthen­i esiwenzayo ukuze singeke sisawaphin­da ngokuzayo,” kusho uDuminy obese kuyihlandl­a lika-26 enza ama-run awu-50 nangaphezu­lu emidlalwen­i yosuku ololudwa.

Umdlalo wosuku olulodwa wesibili uzoba ngoLwesith­athu enkundleni efanayo, eDambulla. AmaProteas abenqoba okokuqala kulolu hambo lwaseSri Lanka njengoba eshaywe kabuhlungu emidlalwen­i emibili ye-Test aqale ngayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAGISO Rabadba udlale kahle bebhekene neSri Lanka emdlalweni owinwe amaProteas izolo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAGISO Rabadba udlale kahle bebhekene neSri Lanka emdlalweni owinwe amaProteas izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa