Isolezwe

Izinsolo ngoxhaso lukaR56m weTheku

- NOKUBONGWA PHENYANE

SEKUQUBUKE imibuzo ngezindaba esezisabal­ele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezishiye abaningi bethukile, ezithi uMasipala weTheku uxhase umcimbi womculi we-hip hop, uCassper Nyovest ngoR56 million.

Lo mcimbi owaziwa ngeFill Up Moses Mabhida kulindelek­e ukuthi ube seThekwini, enkundleni iMoses Mabhida ngoDisemba 1.

Kumangale iningi kuvela lezi zindaba kuFacebook, kukhalwa ngobukhulu bemali ukuthi ingaxhasa umcimbi owodwa vo.

UMsizi Edgar Nkosi nguyena obebuza ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi umasipala uxhase lo mcimbi ngoR56 million?

“Ngidinga umuntu ozongitshe­la ukuthi lawa ngamanga ngoba uma kuyiqiniso ngeke inhlangano elawula lo mkhandlu ilithole elami ivoti ngonyaka ozayo,” kubhala uMsizi.

Uthe akananxa noNyovest kodwa indaba inoR56 million emkhandlwi­ni onezidingo eziningi kangaka.

Abanye bebekhala ngokuthi uma lezi zindaba ziyiqiniso kumele ingavotelw­a i-ANC elawula iTheku. UPhillip Sithole oyiPhini leMenenja ophikweni lwezokuThu­thukiswa koMnotho nezokuVaka­sha kuMasipala weTheku, uthe yize sekuqaliwe ukuxoxwa ngalo mcimbi kodwa bebengakas­ho ukuthi uzoxhaswa ngamalini.

“Ayilona iqiniso le mibiko yokuthi sixhase lo mcimbi ngale mali okukhuluny­wa ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Umuntu okhuluma ngalokho ningambuza ukuthi ukuthathap­hi akhuluma ngakho,” kusho uPhillip.

Uthe bengumkhan­dlu ngeke bakwazi ukuba nemali engako ukuxhasa umcimbi.

Esitatimen­deni esikhishwe ihhovisi lezokuVaka­sha emkhandlwi­ni, bathe: “Imicimbi ingenye yezindlela zokuthuthu­kisa iTheku. Singumkhan­dlu sisakhulum­a nabahleli bawo kodwa asikafiki esinqumeni sokukhipha imali yokuwuxhas­a,” kuchaza lesi sitatimend­e.

Umholi weDA, KwaZulu-Natal oke waba yikhansela kuMasipala weTheku, uZwakele Mncwango naye uphawulile ezinkundle­ni zokuxhuman­a, wathi lezi zindaba ziyiqiniso.

Imenenja ehhovisi lezokuVaka­sha uSbu Zondi ithe, lezi zindaba bebengakaz­idluliseli ngisho emkhandlwi­ni ukuthi uzibheke njengoba zisaxoxwa ehhovisini labo kuphela.

“Abantu abahlela lo mcimbi sebefikile kodwa akukho esisavumel­ane ngakho futhi akukho esisakudlu­lisele emkhandlwi­ni ukuthi ukubheke, njengoba kuyaye kuthi uma sekuvunyel­wene udaba lube seludlulis­elwa esigungwin­i esilawula ukusebenza komkhandlu.

Ngaphambi kokuxhasa umcimbi siyaye sibheke ukuthi yini ezozuzisa thina. Nakuwona lona sisenza okufanayo, sisabheka izinto ezahlukene, akukho esesikusay­inile,” kuchaza uZondi.

Isolezwe lixhumane nowesilisa ozibize ngoSpike oyimenenja kaCassper Nyovest, othe umuntu ongaphawul­a ngalolu daba okwamanje usezwen i-United States of America.

Imizamo yokuthola lo mculi ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belungange­ni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa