Isolezwe

UNgizwe usolwa ngokushaya umkakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, usolwa ngunkosika­zi wakhe ongumculi, uFloda, ngokumbhax­a kangangoku­ba waze wacishe waphuma umphefumul­o.

UNqobile “Floda” Mchunu uveze lezi zindaba enkundleni yokuxhuman­a u-Instagram ngempelaso­nto. Ubefake ngokohlelo lokuthi kuphinde kunyamalal­e ngemuva kwamahora angu-24.

UFloda uqale wabhala ukuthi akakweleti muntu, owesilisa nowesifaza­ne, futhi uyabonga. Uqhube wathi: “Kuwo wonke umuntu engimaziyo owangiziba ngikhala ngesikhath­i ngishaywa owesilisa ngonyaka odlule, angisoze ngakhohlwa.”

Ethintwa uFloda izolo ucele ukuthunyel­elwa umqhafazo. “Angifuni ukukhuluma ngakho, ngiyabonga,” kusho yena ngeSMS. Ekhasini lakhe uqhube wathi wacishe washona.

“Ngiyaxolis­a kodwa nonke aniyilutho (esho kwababemzi­ba).” Imibhalo kaFloda ithathe elinye igxathu esemgagula ngegama uNgizwe waze wenza isiqinisek­o sokuthi uyakubona akubhalayo ngokumnama­thisela embhalweni.

Imizamo yokuthola uNgizwe izolo ayiphumele­langa ngoba ucingo lwakhe belungange­ni nokuthe selungena emini wangalubam­ba ezanywa izikhawu ezehlukene.

UFloda uzakhele ugazi ngezingoma okubalwa kuzo ethi Dicapitate Me, R&B kanti muva nje usanda kukhipha i-video yengoma yakhe ethi What You Do.

Kuvela lezi zinsolo nje, isikhulu semisakazo okukhona kuyo nePower FM, uGiven Mkhari, sisanda kuvulelwa icala lokushaya ngunkosika­zi waso u-Ipeleng. Naso samvulela icala unkosikazi kodwa amacala abuye ahoxiswa. Izolo iNkantolo yeMantshi yaseMidran­d imkhiphe phambili umculi uCici ecaleni lokushaya ayelivulel­we ngowayeyis­oka lakhe, u-Arthur Mafokate. Icala elavulwa nguCici lokushaywa ngu-Arthur lisaqhubek­a lizobuyela ngo-Agasti 23.

 ?? INSTAGRAM Isithombe: ?? UMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, osolwa nguFloda ngokumbeka isandla
INSTAGRAM Isithombe: UMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, osolwa nguFloda ngokumbeka isandla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa