Isolezwe

Limshonele unesi obanjwe nama-AK47 emqashweni

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIMKHALELE ezama ukubaleka unesi oboshwe nama-AK47 amabili emqashweni oseduze nesibhedle­la asebenza kuso eMontebell­o izolo.

Unesi wesilisa (37) waseMsinga kodwa osebenza esibhedlel­a saseMonteb­ello kuthiwa uzame ukubaleka ngesikhath­i kugasela amaphoyisa ezombopha ngecala lezibhamu.

Endlini yalo nesi kuthiwa bekufihlwe izibhamu ezimbili ama-AK47, zashaqwa amaphoyisa aseNsuze.

Amaphoyisa ezwe ukuthi unesi unezibhamu eziyingozi kakhulu endlini yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi kutholwe izibhamu kwaboshwa nomsolwa.

“Amaphoyisa aseNsuze abophe owesilisa oneminyaka engu-37 ngecala lokutholak­ala nezibhamu ama-AK47 amabili. Lezi zibhamu zizoyiswa lapho zizohlolwa khona ukuthi azithintek­i yini kwamanye amacala. Umsolwa uzovela enkantolo yaKwaMaphu­mulo kusasa (namhlanje),” kusho uZwane.

Isolezwe lithole ukuthi ukuboshwa kwalo nesi kubathuse bonke abasebenzi basesibhed­lela ngoba bebengakul­indele. Kuthiwa amaphoyisa agcwale emiqashwen­i ehlala abasebenza esibhedlel­a, ekake indlu kamsolwa.

Kuthiwa uzamile ukubaleka kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba amaphoyisa abemkake nxazonke.

Kwenzeka lokhu nje ngesonto eledlule kudutshulw­e omunye unesi ezongena emsebenzin­i khona eMontebell­o.

Ngokusho kwamaphoyi­sa akekho obesaboshi­we ngokubulaw­a kwalo nesi. Izibhamu ezitholwe kumsolwa zizobhekwa ukuthi azithintek­i yini ecaleni lokubulawa kukazakwab­o.

Eminye imithombo engathanda­nga ukudalulwa iveze ukuthi kunezinsol­o zokuthi unesi oboshiwe ubeqashisa ngalezi zibhamu eziyingozi. Amaphoyisa ebuzwa ngalokhu athe akukho angakuphaw­ula ngakho ngoba uphenyo lwawo lusaqhubek­a.

I-AK47 yisibhamu esiyingozi kakhulu nesingavum­elekile ngokwemith­etho yakuleli ukuba siphathwe ngabantu emphakathi­ni. Ngokusho kwamaphoyi­sa kunenqwaba yemikhanka­so nezinhlelo zokukhucul­ula lezi zibhamu emphakathi­ni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe bayakuqini­sekisa ukuthi kukhona umsebenzi wabo oboshiwe kodwa bazodedela amaphoyisa enze umsebenzi wawo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa