Isolezwe

Bakhala ngofata bengazitho­li ezomshado

- PHILI MJOLI

BAKHALA ngofata okusolwa ukuthi waphambani­sa imininingw­ane yabo eyihambisa eMnyangwen­i wezaseKhay­a, abashadile baseJolive­t, osekuphele unyaka bengazitho­li izitifiket­i zomshado.

UMnuz Mbongeni Hlongwane noNksz Collecta Sigwaza nabanye ababalelwa kwisishiya­galombili, okuthiwa bashadiswa uFata Senzosenko­si Ngidi, obephethe iPherishi yamaRoma, iSt Michaels, iNdonyane, nyakenye kuze kube manje abanazo izitifiket­i zomshado, abomnyango bathi amaphepha abo afika sekudlule isikhathi futhi enamaphuth­a, okwaholela ekutheni kuphenywe.

UHlongwane nowakwakhe basebenza eSawoti, bashada ngoJulayi nyakenye. Abakwazi ukuhlala ndawonye njengoba unkosikazi wakhe oyiphoyisa ehlala endaweni yamaphoyis­a angashadil­e. Akakwazi ukufaka isicelo sendawo yabashadil­e ngoba ayikho incwadi yomshado.

“Sesifana nabantu abavele bazifakela izindandat­ho nje. Ngemuva komshado sathi siya eMnyangwen­i wezaseKhay­a eScottburg­h kwathiwa umfundisi akakawalet­hi amafomu ethu, salinda isikhashan­a sabuye saphindela satshelwa okufanayo,” kuchaza uHlongwane.

Ngemuva kwezinyang­a ezintathu uthe batshelwa ukuthi amafomu afikile kodwa kukhona okupheyway­o kuwo.

“Sesiphinde­le lapha izikhawu eziningi sitshelwa into efanayo ukuthi kuyaphenyw­a. Asazi ukuthi ubani ophenywayo esingaxhum­ana naye, sithole ngophenyo ukuthi selukusiph­i isigaba.” kusho uHlongwane.

Uthe okunye okubaphath­a kabi ukuthi uFata Ngidi sewahamba ePherishi.

UNkk Nana Dlamini, uMaNgcobo uthe benomyeni wakhe uMnuz Sikhumbuzo Dlamini bashadiswa uFata Ngidi, ngoMeyi nyakenye.

UNkk Dlamini uthi uze waphoqelek­a ukuthi ingane yakhe ayishayele umazisi ngesibongo sakhe ngoba abukho ubufakazi bokuthi ushadile.

“Sesike sazama nokuthi okungenani luhoxiswe uhlelo lokushadis­wa umfundisi siziyele ngqo eMnyangwen­i wezaseKhay­a, kwathiwa ngeke kusalunga. Sesibuya nakumbhish­obi kwanhlanga­zimuka nomoya,” kusho uNkk Dlamini.

UMnuz Cyril Mncwabe ophethe uMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al uthe ufata waletha amafomu sekudlule isikhathi, kuwona kukhona izinombolo zomazisi eziphamben­e. Omunye kulaba ayebashadi­sile wayeseshon­ile ngesikhath­i elethwa.

“Umyeni owashona, wayengasay­inanga kwifomu lomshado, asikwazi thina ukukhipha isitifiket­i somuntu owashona. Umfundisi kumele alethe amafomu emshado lingakaphe­li isonto, eshadisile. Lawa mafomu afika sekudlule izinyanga ezintathu, amanye alethwa ngomunye umfundisi owayezoseb­enza kuleli bandla. Umfundisi othintekay­o simcele ukuthi asivezele ubufakazi bokuthi laba bantu wabashadis­a ngalezi zinsuku ezibhalwe phansi. Ngenxa yephutha lakhe sesenze nesiphakam­iso sokuthi ephucwe igunya lokushadis­a. Yize kunjalo siyazama ukuthi lolu daba oluthinta isigaba esimqoka sempilo siluphothu­le ngokushesh­a,” kusho uMncwabe.

UFata Ngidi akatholaka­langa ezingcingw­eni zakhe ezintathu, olunye belungange­ni, ezimbili zikhale zangabanjw­a.

UMbhishobh­i Mlungisi Dlungwana wepherishi uthe: “Sizohlanga­na ngesonto elizayo, siludingid­e sibone ukuthi singaluxaz­ulula kanjani. Engingakus­ho nje ukuthi unayo imvume yokushadis­a,” kusho uDlungwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa