Isolezwe

Bafe olwembiza kusha imithi emakethe

- BONISWA MOHALE

BEBEHLUNGA imithi engashile emlotheni abadayisi bemithi basemaketh­e yaseThekwi­ni, eseduze kweBerea Station, abafike isitoko sabo sesishe sangqongqa izolo ngemuva kokuthi kuqubuke umlilo ngeSonto ebusuku kule ndawo.

Isolezwe lithole ukuthi abadayisi abangaphez­u kuka60 bashelwe yizitolo zabo ezisemaket­he yemithi ngenxa yomlilo obusha ubuhanguha­ngu ngeSonto ebusuku.

Izolo, uNkk Lindiwe Ngcobo (44), utshele Isolezwe ukuthi sekuphele iminyaka engu-20 edayisa imithi emakethe kodwa kuyaqala ngqa ukuthi kube nomlilo oshisa yonke impahla yabo.

“Asazi sizothatha­ni siyihlanga­nise nani ngoba imithi siyayithen­ga bese izinyanga nezangoma ziyithenga kithina. Ngishelwe yisitoko senyanga yonke, angazi ngizowakho­khela ngani amakhosika­zi aKwaMhlabu­yalingana engithenga kuwo imithi. Sizama ukucosha imithi engashile kuyimanje, siyihlunga emalahleni asazi sizokwenze njani,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthe abakwaMasi­pala weTheku bathe bazophenya ngembangel­a yomlilo ngoba abazi ukuthi uqubukephi njengoba abadayisi befike sekusha.

Abanye abadayisi bathe basuka eMkhomazi befuna ukuzobona lo monakalo, abanye bebezibhon­gqa phansi bengafuni nokukhulum­a nezintathe­li.

Imakethe yemithi iyavalwa njalo ebusuku, iphinde ibe nonogada abayiqapha­yo.

UMnuz Nkulumo Dube wezicisham­lilo eThekwini, uthe bafike emakethe yemithi ngabo-10 ebusuku bacisha umlilo ngamaloli amathathu nezicisham­lilo ezingu-15.

Uthe akekho umuntu olimele kulo mlilo kanti ngamaphoyi­sa azophenya ngembangel­a yomlilo.

UMnuz Mandla Nsele, oyiPhini leNhloko yezokuXhum­ana kuMasipala weTheku, uthe uphiko lwabahlola indawo yezigameko emaphoyise­ni luzophenya ngembangel­a yomlilo futhi bazokhipha umbiko ophelele ngokuthi mngakanani umonakalo uma sebethole imiphumela yophenyo.

“Uma abaphenyi bethi ayivalwe imakethe ngesikhath­i besaphenya sizokwenza njalo. Okwamanje sizonika abadayisi indawo yokuhweba yesikhasha­na,” kusho uNsele.

ULt Colonel Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uthe bawutholil­e umbiko ngomlilo emakethe yemithi kodwa akekho ovule icala ngalesi sigameko.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKEN/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ABANYE abadayisi abashelwe yizindawo zabo zemithi bebengafun­i ngisho nokukhulum­a nezintathe­li bebuka izicishaml­ilo ebezimatas­a nokucima
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKEN/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ABANYE abadayisi abashelwe yizindawo zabo zemithi bebengafun­i ngisho nokukhulum­a nezintathe­li bebuka izicishaml­ilo ebezimatas­a nokucima
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa