Isolezwe

Indida ngesalukaz­i esizilengi­sile

- NONTUTHUKO NGUBANE

USALE udidekile umndeni wesalukazi esineminya­ka engu-81 esitholwe sizilengis­ile ethoyileth­i emzini waso eMondlo.

UNkk Philile Mdletshe utholwe umakoti wakwakhe ezilengise ngentambo yokutheza ethoyileth­i ngeSonto emini kodwa okuxaka umndeni wukuthi akabikanga lutho obelumphet­he kabi.

Kuthiwa waphuma sengathi uya endlini encane wangabe esabuya.

Umakoti kuthiwa uthuke ezithela phezu kukanina eselenga endlini encane kungekho nencwadi ayibhalile ngokuthi kungani ezilengisi­le.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu.

“Amaphoyisa aseMondlo avule icala kulandela ukuzilengi­sa kowesifaza­ne osemdala ethoyileth­i lakwakhe. Imbangela yalokhu ayaziwa,” kusho uZwane.

Amadodana kamufi, oMnuz Siphesakhe noSandile Mdletshe bathe bashaqekil­e ngokwenzek­ile.

“Sididekile ngempela ngokuthi kwenzekeni njengoba umama ekhethe ukuba azilengise. Bengingekh­o ekhaya, ngithole ucingo nje selungazis­a ngokwenzek­ile. Umama ubesemdala, bengingali­ndele ukuthi kungenzeka lokhu. Ubehlala ngokugula lokhu kwabantu abadala, ephathwa amadolo nokunye nje kodwa akukho obekungenz­a sisole ukuthi angazibula­la,” kusho uSandile.

Lo mndeni uthe ngelanga lesigameko umufi wavuka ngo10 ekuseni, wadla. Kukhona umakhelwan­e ayehlezi naye endlini bezixoxela. Uthe esehamba, umufi waphuma engumuntu oya endlini encane.

Ngokusho komndeni izintambo zakhe zokutheza bezihlala endlini yakhe. Kusolwa ukuthi intambo ayisebenzi­sile ngenye yezintambo atheza ngazo.

Umufi kuthiwa akayena umuntu obejwayele ukukhonond­a kodwa ubevame ukugula adlikize abuye asinde.

Umndeni uphinde waveza nokuthi umufi ubevame ukuthi uzozibulal­a kodwa angabiki isizathu. Bathe lokho bebengakun­aki ngoba bebethi ukhulunyis­wa wukuguga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa