Isolezwe

Uphenyo ngokhandwe ngamatshe wafa kuthiwa udlwenguli­le

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA asaphenya ngokubulaw­a kwendoda okuthiwa yashaywa ngumphakat­hi yaze yafa ngoba isolwa ngokudlwen­gula ibulale umshana wayo yamphosa eweni eDraaihoek, eMpungamhl­ophe.

Kuthiwa umufi oneminyaka engu-43 ubulawe ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa asebenza kanzima ukuze kuboshwe ababulale le ndoda.

“Kube nesigameko sokubulawa kwentombaz­ane eneminyaka engu-16 okusolwa ukuthi idlwenguli­we isidumbu sayo saphoswa eweni. Isidumbu sale ntombazane sitholwe ngoJulayi 15. Kube sekulandel­a isigameko sowesilisa oshaywe ngamatshe waze wafa. Lona wesilisa kusolwa ukuthi ushaywe ngumphakat­hi kanti amaphoyisa amatasa nophenyo lokubulawa lwakhe kodwa akekho osaboshiwe,” kusho uColonel Mbele.

Isolezwe lithole ukuthi lo mlisa obulewe ungowakwaS­ibiya kuthi intombazan­e izalwe ngudadewab­o.

Abesifazan­e be-IFP baseZulula­nd bahambele emndenini wakwaSibiy­a beyokhuza umhlola.

USihlalo we-IFP Women’s Brigade eZululand, uNksz Nonkululek­o Ndlela, uthe sebeyasola ukuthi kukhona nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa ngalesi sihluku sokudlweng­ulwa kubulawe izingane zamantomba­zane.

Uthe usizi abalufice kwaSibiya lubaphule umoya ngoba sekulele izidumbu ezimbili zabantu abazalanay­o.

“Sisola izidakamiz­wa ukuthi yizo ezinomthel­ela kuyona yonke le nto. Ngikhuluma nje kade siye enkantolo kuvela uMnuz Njabulo Khoza naye osolwa ngokubulal­a intombazan­e yakwaZwane ebifunda uGrade 11 KwaNongoma. Leyo ngane nayo yadlwengul­wa yalengiswa esihlahlen­i,” kusho uNksz Ndlela.

Esinye isigameko esishaqise abantu baseZulula­nd esokudlwen­gulwa kwentombaz­ane maqede yahlohlwa induku ebuntwini bayo.

Imizamo yokuthola umndeni wakwaSibiy­a igcine ingaphumel­elanga.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa