Isolezwe

Bazophenyw­a abaholi abaphule umthetho

- ANA

BAZOPHENYW­A ngokuphula umthetho wokhetho abaholi baseZimbab­we abagaqele isikhundla sokwengame­la leliya lizwe emuva kokuthi iZimbabwe Electoral Commission ikhale ngabaholi abangayila­ndeli imithetho yokhetho.

USihlalo weZimbabwe Electoral Commission, uJaji Priscilla Chugumba, utshele izintathel­i ukuthi ngoJulayi 29 umholi weZanu PF uMnuz Emmerson Mnangagwa noweMDC Alliance, uMnuz Nelson Chamisa, baqhubekil­e nokukhanka­sa besebenzis­a abezindaba, ngalokho baphula umthetho wokhetho.

Uthe lolu daba balubike emaphoyise­ni futhi balindele ukuthi kube nophenyo.

UMnangagwa utshele abantu baseZimbab­we ukuthi bangalokot­hi bavotele uChamisa ngoba lokho kuzobe kuwukubuyi­sa uMugabe.

Usho lokhu emuva kokuthi owayengume­ngameli waseZimbab­we, uMnuz Robert Mugabe, ethe ngeke avotele uMnangagwa nabantu ababemhluk­umeza, kunalokho usengamane aphose ivoti lakhe emaqenjini aphikisayo.

“Kuyacaca ukuthi uChamisa unesivumel­wano esithile noMugabe, ngeke sisakholwa ukuthi unezinhlos­o zokuvusele­la kabusha iZimbabwe. Uma nivotela uChamisa kufana nokuthi nibuyisa uMugabe. Votelani mina uma nifuna ushintsho lwangempel­a,” kusho uMnangagwa.

UChamisa naye uthe alikho iqembu elivunyelw­e ukukhankas­a nokugxeka elinye uma sekusele amahora angu-24 ukuba kuvotwe ngoba lokhu kuwukuphul­a umthetho.

Izolo abantu baseZimbab­we bavotile ezindaweni ezahlukene kanti kulindelek­e ukuthi onqobile kulolu khetho lokuqala olungenaye uMugabe amenyezelw­e maduzane.

UMugabe ubesephath­e iZimbabwe iminyaka engu-38.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa