Baxoshiwe onogada bebika ngezinsolo zenkohlakalo esikoleni
AKUCACI ukuthi sekuzoqapha bani esikoleni samabanga aphansi eNewlands West, eThekwini, emuva kokuxoshwa konogada abathathu.
Labo nogada baseCastle Hill Primary, kulindeleke ukuthi bagcine esikoleni namuhla. Ngokwezincwadi abazitholile kuthiwa batshelwe ukuthi isikole asisenayo imali yokubakhokhela. Kodwa basola ukuthi baxoshelwe ukuveza inkohlakalo njengoba besola ubuholi besikole ngokukhipha ngokungemthetho impahla yokwakha.
Omunye unogada oxoshiwe, ocele ukuthi ligodlwe igama lakhe, uthe basenkingeni njengoba sebephelelwe wumsebenzi. Uthe kuyasolisa ukuxoshwa kwabo isigubhukane futhi kuqondane nokuthi bebesanda kubuza ngempahla yesikole. Lo nogada uthe ngasekuqaleni kwale nyanga babona kuphuma impahla yokwakha esikoleni, bangatshelwa lutho ngayo ekubeni kuwumsebenzi wabo ukugada.
“Kuthe uma sibuza uthishanhloko ngayo, kwaba nokungezwani kahle. Akuphelanga sikhathi sabe sesitshelwa ukuthi umsebenzi usuyaphela.
Sizamile ukuyofaka udaba eCCMA sangasizakala ngoba besingenazo nezinkontileka,” kusho unogada.
Isolezwe lithole ngomthombo ongaphakathi esikoleni ukuthi ngeSonto ntambama bekumele kube nomhlangano esikoleni kodwa wangaphumelela.
Uthe kubizwe amaphoyisa kwathiwa abasuswe esikoleni. Kuvele nokuthi onogada bebekhokhelwa ngemali ekhokhwa abazali uma kubhaliswa abafundi.
USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Nzama ongafunanga negama lakhe, uphikile ukuthi bekuke kwabizwa umhlangano wabazali.
“Yithina esinelungelo lokubiza umhlangano wabazali futhi awukho esiwubizile. Asiyazi eyenkohlakalo kodwa esikwaziyo ukuthi onogada bayekiswe ngoba imali yokubakhokhela ayisekho. Vele bebengenayo ngisho inkontileka nesikole,” kusho uNzama.
Uthe imali ipheliswe ukuthi isebenze kakhulu kwezinye izinto zesikole.
Mayelana nokuthi isikole sizoqashwa kanjani, uthe bazobona ukuthi benzanjani bengabazali. Unqabile ukuphendula eminye imibuzo, wathi intatheli ayibuze abayinike inombolo yakhe yocingo.
Kuthiwa onogada ababili bebehlala ngaphakathi esikoleni begada nasebusuku.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bazocela uphiko lwabasebenzi emnyangweni ukuthi luphenye ngalolu daba lonogada. Uthe ngeke baphawule ngamahlebezi ezinsolo zenkohlakalo kodwa bazolinda umbiko wophenyo.