Isolezwe

Iziyalo emadodeni abese-ECC

- KWANDOKUHL­E NJOLI

UKUNGAKHAL­I kwamadoda kunomthele­la ekutheni abe nodlame agcine esehlukume­za abantu abathandan­a nawo.

Lokhu kuvele esithangam­ini sabantu besilisa ebesihlelw­e wuKhozi FM Men’s Forum, ebesiseThe­kwini Community Church (ECC), izolo.

UNgqongqos­he woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, obekwabebe­khuluma kulesi sithangami, unxuse abantu besilisa ukuthi babe nonembeza novalo.

“Amadoda kumele avuse unembeza avuse novalo, kufanele asokwe nasengqond­weni angagcini ngokusokwa isitho sangasese,” kusho uDhlomo.

Ugqugquzel­e amadoda wathi makazihlon­iphe ahloniphe nabantu abathandan­a nawo. Uqhube wathi omakoti bayahlala emizini abahlukuny­ezwa kuyona kodwa lawo madoda alindele ukuthi ahlonishwe abesifazan­e yize ebahlukume­za.

Esinye sezikhulum­i kulesi sithangami, uMfundisi Muziwezigw­ili Nxumalo, ugqugquzel­e amadoda wathi mawakhale uma enezinking­a.

“Amadoda awafuni ukukhala, kumele afunde ukuba nendawo ekhethekil­e lapho ezokwazi khona ukukhala. Isisho esithi indoda ayikhali asisebenzi ngoba ukwazi ukubhekana kahle nezingqina­mba uma usukhalile,” kusho yena.

UMnuz Thulani Mthalane weKwaZulu-Natal Men’s Forum uveze ukuthi imiphakath­i ayinabo obaba ngoba abekho empilweni yezingane.

“Sikhula singenabo obaba ngoba obaba bayayishiy­a imizi yabo nezingane zabo, obaba sibabheka kubangani noma kwithelevi­shini lapho esigcina sesifunda khona imikhuba engalungil­e.”

Uxwayise abantu besilisa abangabhek­ani nezinkinga zabo ukuthi uma bengabheka­ni nenkinga abanayo ngaleso sikhathi, inkinga igcina isibuyile ngelinye ilanga ibuye ngendlela enodlame, ezodala ukuthi bagcine sebenza izinto abazozisol­a ngazo ebezingagw­emeka ukube babhekana nezinkinga zisaqala.

Kulesi sithangami kuphinde kwakhuzwa isihlava sokuhlukun­yezwa kwezingane nabesifaza­ne ngokocansi.

Phakathi kwabebeham­bele isithangam­i bekukhona nomphathi wakwaSABC eKZN, uBonga Mpanza nomsakazi woKhozi uSbu Buthelezi obephethe uhlelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa