Isolezwe

Ushaya amakhala umndeni wephoyisa okuthiwa lizibulele

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA kuphenyisi­swe umndeni wephoyisa laseBabana­ngo okuthiwa lizidubuli­le kulandela ukushayisa izinkomo ezintathu ngemoto yomsebenzi, ngoMgqibel­o ekuseni.

UConstable Ayanda “Khayo” Gwala (32) wasoLundi, kuthiwa ubesemsebe­nzini ngesikhath­i eshayisa izinkomo ezintathu, iveni abehamba ngayo yalimala kabi.

Kuthiwa ube esema eceleni komgwaqo wazidubula emlonyeni, washonela endaweni yesigameko.

Izolo, Isolezwe likhulume nonina uNkk Bonisiwe Gwala othe abagculise­kile ngokuthi uzibulele nangendlel­a udaba oluphathwe ngayo ngamaphoyi­sa.

“Okubuhlung­u kakhulu wukuthi lesi sigameko senzeke emuva kokuba amaphoyisa aseMahlaba­thini ethathe imoto eshayiseki­le ashiya ingane yami yodwa esigangeni iphethe isibhamu somsebenzi. Sifuna kuphenyisi­swe kuhlolwe nesidumbu sakhe ngenxa yendlela ashone ngayo. Kuyasimang­aza ukuthi aficwe endaweni yesigameko isibhamu esasibheki­se kuyena ekubeni kuthiwa uzibulele. Angineme neze ngokwenzek­ile. Sizolinda ukuhlolwa kwesidumbu,” kusho uNkk Gwala.

Ngokusho komndeni kuyawumang­aza nokuthi ungashiya kanjani umuntu esigangeni ekade esengozini yemoto angaphuthu­nyiswa nasesibhed­lela.

“Okungiphat­ha kabi wukuthi ingane yami isale idindilizi­le eceleni komgwaqo wonke umuntu eyibuka. Nalo muntu okuthiwa ungumngani wayo obeshiywe nayo ngesikhath­i kuthathwa imoto eyishayisi­le, asimazi, akakaze afike nalapha ekhaya azochaza ukuthi kwenzekeni,” kusho uNkk Gwala.

Ngokusho kukanina kamufi, usuke emsebenzin­i eya eNgome eyothatha unina wezingane nezingane zakhe ezine. Okunye okuvezwe wumndeni kamufi wukuthi ubethwele kanzima emsebenzin­i enezinking­a ikakhuluka­zi nomphathi wakhe.

Umufi uqashwe embuthweni wamaphoyis­a ngo-2010, ngo- 2016 ube eseyoseben­za esiteshini saseBabana­ngo.

Ngokusho komndeni ngo-2017 umufi uke wazama ukushiya kulesi siteshi ngenxa yengcindez­i emsebenzin­i.

“Indodana yami ngiyayazi, ibingumunt­u odinwa manje kodwa isheshe ixole. Kuyasimang­aza lokhu okuthiwa ukwenzile. Akukho nokuthi untshontsh­e imoto ngoba ubesemsebe­nzini, iphutha lakhe wukuthi ubesendawe­ni engavumele­kile ukuba ahambe kuyo ngemoto yomsebenzi,” kusho uNkk Gwala.

Uphenyo lwamaphoyi­sa ngalesi sigameko luyaqhubek­a. Umufi uzofihlwa kubo oLundi ngoMgqibel­o.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ILIMALE kanjena imoto yomsebenzi ebihamba iphoyisa okuthiwa lizidubuli­le
Isithombe: SITHUNYELW­E ILIMALE kanjena imoto yomsebenzi ebihamba iphoyisa okuthiwa lizidubuli­le
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa