Isolezwe

Kushone 3 kwalimala 10 engozini yetekisi

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE abantu abathathu kwalimala abangu-10 engozini yetekisi ngasoThong­athi emgwaqweni uN2 izolo.

Kuvela ukuthi le ngozi yenzeke ngemuva kokuthi iToyota Quantum ebithwele abagibeli iningi labo abebeya emsebenzin­i iphaphalaz­ile yaphuma emgwaqweni.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo KwaZulu-Natal, uMnuz Robert McKenzie, uthe bazamile ukuhlenga impilo yabagibeli kodwa ngeshwa abathathu bashona.

“Sifike endaweni yesigameko itekisi ilimele, kukhona abagibeli phakathi. Abathathu bese beshonile, salapha abantu abangu-10 endaweni yesehlo sabe sesibaphut­humisa ezibhedlel­a ezahlukene,” kusho uMcKenzie.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso.

“Amaphoyisa asoThongat­hi aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso. Ngokopheny­o olusenziwe iToyota Quantum ibithwele abagibeli abangu-13 ngesikhath­i kwenzeka ingozi. Lesi sigameko senzeke namhlanje (izolo) ngo-4 ekuseni. Abagibeli abathathu bashonele endaweni yesigameko, abanye bathola ukulashwa. Kusaphenyw­a imbangela yayo,” kusho uZwane.

Kwenzeka le ngozi nje eThekwini kushone abantu abayisithu­pha ngoMgqibel­o ezingozini ezehlukene.

NgeSonto kuM13 ngaseMgung­undlovu, ngaphambi kokuba ufike eHillcrest, kushone owesifazan­e engozini yemoto.

Kuwo uN2 ngaseMande­ni kushone owesifazan­e oneminyaka engu-34 ngesikhath­i imoto abephamban­a nayo iphaphalaz­a yashayisa eyakhe.

Kulimale abathathu kule ngozi. Le ngozi yaseManden­i yenzeke ngoMgqibel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa