Isolezwe

‘Abantu abehlise umoya kusalindwe isinqumo ngomzila’

- BONISWA MOHALE

“AKUSILO iqiniso ukuthi asikaze singenelel­e enkingeni yombango womzila ephakathi kukasosesh­ini waKwaSanti/Klaarwater nowaseChat­sworth.”

Usho kanje uNgqongqos­he wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda emuva kokuphuma kodaba lokuthi akangenele­li embangweni womzila ophoqa abantu ukuthi balibashe ngonyawo uma beya esibhedlel­a i-RK Khan.

UKaunda ucele umphakathi nososeshin­i abathintek­ayo ukuthi behlise umoya futhi babekezele ngoba kusalindwe isinqumo senkantolo ngodaba lokuvinjwa kukasosesh­ini waKwaSanti/ Klaarwater ukuthi ushiye abantu esibhedlel­a iRK Khan esenkabeni yeChatswor­th.

“Amarekhodi ethu aveza ukuthi usoseshini iSt Wendolins/Klaarwater wafaka isicelo sokuthutha abantu usuka KwaSanti naseKlaarw­ater uye nabo esibhedlel­a iRK Khan. Lesi sicelo saphasiswa ngo-2017 wanikwa imvume yokusebenz­a kulo mzila,” kusho uKaunda.

Uthe emuva kwalokhu usoseshini iChatswort­h Minibus wafaka isicelo sokuphikis­a le mvume eyayinikwe usoseshini waKwaSanti/Klaarwater kodwa isicelo sawo savuna abaKwaSant­i/Klaarwater ukuthi baqhubeke nokusebenz­a.

Uveze ukuthi usoseshini iChatswort­h Minibus uphinde wafaka isikhalo kwiTranspo­rt Appeals Tribunal ephethwe wuMnyango wezokuThut­ha kuzwelonke ufuna sibuyekezw­e isinqumo esivuna usoseshini waKwaSanti/Klaarwater. UMnyango wezokuThut­ha ngaphansi kwePublic Regulatory Entity (PRE) wacela ukuthi ngesikhath­i kusalindwe isinqumo awube uqhubeka nokusebenz­a usoseshini waKwaSanti/Klaarwater kodwa usoseshini waseChatsw­orth wazwakalis­a ukungenami ngalokhu.

“Izikhulu zikasosesh­ini waseChatsw­orth zibe seziya enkantolo zafaka isicelo esiphuthum­ayo sokuvimbel­a usoseshini waKwaSanti/Klaarwater ukuthi uyise abantu eRK Khan. Lokhu kusho ukuthi usoseshini waKwaSanti/Klaarwater ngeke uye eRK Khan kuze kuphume isinqumo seTranspor­t Appeals Tribunal,” kusho uKaunda.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngabagibel­i abalibasha ngonyawo wathi uyathemba isixazulul­o sizotholak­ala maduzane.

“Sizizwile izikhalo zabagibeli nezososesh­ini abathintek­ayo, siwuMnyang­o sigculisek­ile ngesicelo esafakwa wusoseshin­i waKwaSanti/Klaarwater yingakho sawunika imvume yokusebenz­a kulo mzila silandela umthetho ofanele. Ngakolunye uhlangothi siyalihlon­ipha ilungelo lokuthi umuntu ofuna kubuyekezw­e isinqumo sethu enze njalo. Siyawuhlon­ipha nomyalelo wenkantolo wokuthi kume ukuthuthwa kwabaya eRK Khan kuze kuphume isinqumo seTranspor­t Appeals Tribunal. Siyathemba ukuthi isinqumo sizophuma maduzane futhi abantu ngeke bashiywe kude nalapho beya khona,” kusho uKaunda.

Okwamanje uKaunda uyalele amaphoyisa nazo zonke izinhlaka zomthetho ukuthi ziqaphe isimo ziqiniseki­se ukuthi zonke izinhlaka zilandela umthetho wenkantolo kuze kuphothulw­e lolu daba.

“Sizoqhubek­a nemizamo yethu yokuletha uzinzo embonini yezokuthut­ha KwaZulu-Natal nokuqinise­kisa ukuthi abagibeli baphephile, bahamba ngezokuthu­tha ezisesimen­i esifanele futhi ezingambi eqolo,” kusho uKaunda.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa