Isinganqotshwa eyomama abashona bebeletha
IMISHANGUZO ebihlolwa eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe anenkinga yokuba nesibalo esiphezulu somama abashona bebeletha, ingehlisa isibalo sokufa komama abaningi abavela emazweni asafufusa, abanenkinga yokopha.
Ocwaningweni olukhishwe yiNew Journal of Medicine, luveza ukuthi imishanguzo i-carbetocin iphephile futhi ingakwazi ukuvikela abasanda kubeletha ukuze bangashoni ngenxa yokopha ngokweqile.
Ukopha ngokweqile emuva kokubeletha kungesinye sezizathu zokufa komama abaningi emhlabeni wonke. Kukholakala ukuthi bangu-70 000 omama abashona ngenxa yokopha ngokweqile uma beqeda ukubeletha emhlabeni. Ukushona komama ngale ndlela kubeka nezingane zabo engcupheni yokushona esikhathini esingangenyanga zizaliwe.
Izibalo zango-2008 kuya ku-2010 ziveze ukuthi u-73% wabesifazane abashone bebeletha ezibhedlela zezifunda kube ngenxa yokopha ngokweqile emuva kokubeletha.
Ucwaningo olwenziwe ngokubambisana nenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), abakwaMSD for Mothers nenkampani ekhiqiza imishanguzo, iFerring Pharmaceuticals luthole ukuthi le mishanguzo ingasiza omama abaningi abavela emazweni asafufusa, njengoba ingakwazi ukusetshenziswa iminyaka emithathu futhi ingahlala ngaphandle kwasefrijini endaweni epholile.
Okwamanje umshanguzo i-oxytocin yiwona osagqugquzelwa yiWHO ukuthi usetshenziswe ngabesifazane ukuvikela ukopha ngokweqile ngesikhathi beqeda ukubeletha kodwa lo mshanguzo udinga ukugcinwa endaweni ebandayo, okunzima emazweni amaningi asafufusa.
Lokhu kuholela ekutheni bangabi baningi abantu besifazane abasizakala ngalo mshanguzo.
Ngisho amazwe asafufusa angawuthola lo mshanguzo inkinga kuba ukuthi awube usasebenza ngendlela uma uke wathola ukushisa.
Ucwaningo lube nabantu abaningi uma luqhathaniswa nolunye oseluke lwenziwa lubheka omama abazibelethele ngaphandle kokuhlinzwa, abalinganiselwa ku-30 000 emazweni angu-10 okukhona kuwo iNingizimu Afrika, Kenya, India, Uganda, Thailand, Egypt, Nigeria, United Kingdom, Singapore naseArgentina.
Omama banikwe umjovo we-carbetocin, abanye banikwa i-oxytocin emuva kokubeletha. Imiphumela ikhombise ukuthi imishanguzo yomibili ikwazile ukuvikela ukopha ngokweqile emuva kokubeletha.
Abacwaningi bayigcine endaweni efanayo le mishanguzo ngesikhathi beyicwaninga ukuze baqiniseke ukuthi okufanele ugcinwe endaweni ebandayo, uyaqhubeka nokusiza omama abebesocwaningweni kodwa bakubalulile ukuthi umshanguzo i-carbetocin iwona ongaba nosizo kakhulu njengoba ungadingi ukuhlaliswa endaweni ebandayo.
Umqondisi-jikelele weWHO, uDkt Tedros Adhanom Ghebreyesus uthe le miphumela iyathembisa kakhulu.
“Lokhu kuyakhuthaza futhi kungayishintsha imizamo yethu yokuzama ukugcina bephila omama nezingane ezisanda kuzalwa,” kusho uDkt Ghebreyesus.
UDkt Metin Gülmezoglu, owengamele izinhlelo zokuhlela nocwaningo kwiWHO uthe