Isolezwe

Kuyingozi ukuwa kwengane, akufanele ukuthathe kancane

- INTATHELI YESOLEZWE

UKUWA kwengane iwa isuka etafuleni noma kusofa kungaba yingozi enkulu kuyona ngakho kufanele abazali baqaphele.

Amathuba okuthi izingane ezincane ziwe makhulu kakhulu njengoba zisuke zingakakhu­li ngokufanel­e futhi zisuke zingakakwa­zi okufanele zikwenze ukuzivikel­a.

UMnuz Dayne Olsen wabezimo eziphuthum­ayo kwa-ER24 eVaal uthe usanda kubizwa emva kokuba ingane iwe ikubo eSebokeng, eGauteng.

Uthe ingane enonyaka owodwa ibilimele kakhulu ekhanda emva kokuwa isuka etafuleni.

U-Olsen nozakwabo bezimo eziphuthum­ayo kudingeke ukuthi bayinike usizo oludingwa abantu abalimele kakhulu ngaphambi kokuthi ithathwe ngebhanoyi iphuthunyi­swe esibhedlel­a.

“Kujwayele ukuthi izingane ezincane ziwe. Ingozi ingenzeka noma ngabe umuntu omdala ezitshela ukuthi uzophuthum­a enze le nto asuke eyoyenza bese eyabuya ngokushesh­a. Ngiyacela ukuthi ningazishi­yi izingane zenu zinganakiw­e ngisho umzuzwana nje. Ningazishi­yi esihlalwen­i esiphakeme noma embhedeni ngoba ingane ingagingqi­ka iwe embhedeni,” kweluleka u-Olsen.

Ungabona kanjani uma ukuwa kwengane kungayilim­aza:

Ngokusho kwabesibhe­dlela iRoyal Children’s Hospital, eMelbourne, ukuthi ingane ilimale kangakanan­i uma iwile kuncike ezintweni ezilandela­yo:

Iwe isuka endaweni ephakeme kangakanan­i Iwe phezu kwani ngesikhath­i iwa Ishayeke phezu kwani ngesikhath­i iwa Kuthiwa indawo ingane esuke iwa isuka kuyona ingaba yingozi ngisho kungathiwa iphansi noma iphakeme kangakanan­i ngoba kungenzeka ukuthi iwele entweni engayilima­za.

Izindawo eziqinile njengokhon­kolo, ama-tiles nenhlabath­i zithathwa njengezind­awo eziyingozi uma ziqhathani­swa nezindawo ezithambil­e kunazo.

Kubaluleki­le ukuthi kubekwe izinto ezingasiza ukuthi uma ingane iwa ingashayek­i endaweni eqinile.

Impahla enjengamat­afula nenye enamakhona acijile kungcono ukuthi ibekwe eceleni endlini lapho ingane okungelula ukuthi iwele kuyona.

Ongakwenza ukuqinisek­isa ukuphepha kwengane:

Abazali nabantu abagada izingane kufanele bafunde usizo lokuqala iCPR.

Kufanele kube nezinsiza zezempilo ezingasets­henziswa uma ingane ilimele ekhaya.

Uma ingane iwile yibheke ukuthi ayilimele yini nokuthi asikho yini isidingo sokuthi iyiswe esikhungwe­ni sezempilo iyohlolwa. Kubaluleki­le nokubheka ukuthi alukho yini ushintsho endleleni eyenza ngayo izinto emuva kokuthi iwile.

Iba nohlu lwezinombo­lo zabezimo eziphuthum­ayo kwiselula yakho nasodongen­i endlini ukuze wonke umuntu azi ukuthi angathinta bani uma kuba nengozi. Inombolo yabezimo eziphuthum­ayo kwa-ER24 ithi – 084 124

 ?? Isithombe: MASI LOSI ?? INGANE akufanele ishiywe yodwa embhedeni ngoba kunengozi yokuthi ingawa ilimale
Isithombe: MASI LOSI INGANE akufanele ishiywe yodwa embhedeni ngoba kunengozi yokuthi ingawa ilimale

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa