Isolezwe

Sibashayel­a ihlombe othisha abafundisa sebethathe udekle

-

ISINQUMO sothisha asebesempe­shenini sokulekele­la ukuthuthuk­isa imfundo ezikoleni siyancomek­a. Labo thisha baseMpumal­anga, eThekwini, asebesengu­le inhlangano iSiyaphamb­ili Retired Teachers Associatio­n, bathi bazimisele ukusiza lapho kushoda khona ukulekelel­a uMnyango wezeMfundo futhi ababheke nkokhelo.

Okwenziwa yilabo thisha wubuntu njengoba bengabheke nzuzo ngaphandle kokuthuthu­kisa imfundo futhi uma ngempela bezokwazi ukubambisa­na kahle nabo bonke abathintek­ayo, kukude lapho kuzoyiwa khona.

Mkhulu umthwalo kothisha abafundisa abantwana zonke izinsuku ababhekana nawo futhi ziningi izinselelo ezibuye ziphazamis­e abanye ukuthi bangawukha­thuli umsebenzi ngesikhath­i ekilasini.

Lokhu okuzokwenz­iwa ngothisha asebethath­e umhlalapha­nsi kuzokwenge­za kokwenziwa ekilasini, okuzobasiz­a kakhulu abantwana.

Siyathemba-ke ukuthi uma labo thisha sebeqala beya ezikoleni beyoxoxa nothishomk­hulu nezinyunya­na ngezinhlel­o zabo kuzobanjis­wana, kungabi bikho abantu abazobona sengathi bafuna ukugxambuk­ela.

Kuyaziwa ukuthi kwesinye isikhathi uma kuqhamuka abantu abangekho ezikoleni nezinhlelo zokulekele­la kwesinye isikhathi usizo lugcina lungafinye­lelanga ezinganeni ngoba othisha nezinyunya­na ababambisa­ni nabo.

Empeleni kuyaye kube yibo abavimbayo ngoba benezabo izinto abakholelw­a kuzo futhi kokunye basuke bebona sengathi labo bantu beze ngenhloso yokuzoveza ukuthi kukhona abangakwen­zi kahle.

Siyathemba nawo uMnyango wezeMfundo ngeke ubavimbe labo thisha ngoba nawo uyaba yisiphazam­iso kokunye.

Okukhulu sifisa sengathi banganda abenza njengalabo thisha, bafake isandla ukuze kuthuthuke ezemfundo.

Sengathi bangasukum­a nabanye othisha asebethath­e umhlalapha­nsi kwezinye izindawo basize nabo. Kungagcini ngothisha kodwa nabanye kweminye imikhakha balekelele kweyabo imikhakha lapho bebona kuxega khona.

Njengokuth­i nje intsha engonjiniy­ela ingasiza ukufundisa iMaths ngezimpela­sonto, izintathel­i zingasiza ukufundisa izilimi nabanye ngokunjalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa