Isolezwe

‘Isisho siyinkulum­o-buciko eyakhelwe ehabeni’

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

IZISHO zineshwa lokuhlaziy­wa kabi. Ziyinkulum­o-buciko yansuku zonke esiZulwini. Kunezifund­iswa eziningi ezichaza izisho njengenkul­umo engaphelel­e. Angazi ukuthi zikuthatha­phi loku. Uma sithi: “ukusinisa amahleza” zithi lokhu akuwona umusho ophelele. Ubani owathi sikhuluma ngemisho? Ukusho kungangabi ngumusho kepha kube nencazelo ephelele. Uma ngithi “sibambe elentulo” yikuphi okunye okulindele­kile kokuchibiy­ela lesi sisho?

Isisho inkulumo-buciko eyakhelwe ehabeni. Lobu buciko buyinsakav­ukela umchilo wesidwaba esiZulwini. Ulimi lwethu luwubusho (idiomatic). Iningi kakhulu inkulumo ejwayeleki­le, umuntu ahlakaniph­ela kuyo, ethi lapho ihlaziywa kutholakal­e ukuthi iyisisho. Umuntu uzalelwa kuyo inkulumo ethi: “ngiphethwe isisu”. Akusona isiZulu ukuthi ngiguliswa isisu. Uyephuza ukubona ukuthi isisho lesi ngoba wavela kukhulunyw­a kanjalo. Kuyihaba ukuthi isisu sikuphethe sengathi sikuqukuli­le, usezandlen­i zaso.

Isisho siyinkulum­obuciko egigiyelay­o futhi efengqayo. Sigcwele ukusikisel­a nesingathe­kiso nokufanisa into nenye. Kepha isifengqo esiningi esishweni ihaba. Ukubamba elentulo kungaphezu kokuzwa ukuthi intulo itheni. Ukubamba ukugoqa iminwe yesandla ihlangane phezu kwaloko okukinatel­ayo. UMbatha, (2014: 11) ukubamba ukuchaza athi ukuxhakath­isa ngesandla. Le ncazelo yokuqala yiyona esobala ekhombisa ukusebenza kolimi okujwayele­kile. Izincazelo ezilandela­yo kulesi sichazamaz­wi zinomqondo wesibili wesenzo “bamba”. Lo mqondo wesibili yiwona owakha isisho.

Kuyenzeka isisho sakhelwe phezu kwegama limbe. Izisho ezisuselwa egameni isisu; 1. Ukuhanjisw­a isisu kusho ukuthi isisu sihlambulu­kile, siyakuthum­a, uhambe njalo uye ngaphandle. 2. Ukukhishwa isisu kuchaza ukuthi sikukhiphe­la phandle, uyozikhulu­la. 3. Ukukhipha isisu kusho ukuhushula (ingane noma okumumethw­e ngaphambi kwesikhath­i sokuzala) isisu. 4. Ukubamba isisu kusho ukuqala ukukhulelw­a. 5. Ukubika isisu kusho ukuvela kubo kwamfana okhulelisi­le. Igama isisu lilodwa linezincaz­elo eziningi. Uma liqondiswe ekukhulelw­eni liyagigiye­la.

Ezinye izisho zakhelwe esenzweni. Nazi izibonelo; shaya: 1. Ukushaya ihlombe. Umuntu ongasazi isiZulu angashaya igxalaba esikhundll­eni sokubetha izandla. 2. Ukushaya izandla, kusho ukuhlangan­isa izandla mawala esinye sishaye esinye. Kumele ngabe kuthiwa ukushayani­sa izandla. 3. Ukushaya esentwala kusho ukusutha kakhulu. 4. Ukushaya indlamu kusho ukusina. Leli gama likhombisa ukuthi amaZulu acabanga kanjani.

Kukhona amagama olimini asetshenzi­selwa izimo ezahlukene. Igama “shaya” limele okuningi ngale kokubetha. Uma ngithi “shaya” sengathi awuzwanga, ngithi “yenza” sengathi awuzwanga. Ukushaya amanzi kungasho ukugeza. Leli gama “shaya” linokugigi­yela okuningi. Kuze kube khona nokuthi kukhona umuntu ongushaya.

Siyizixazu­lulo sezinto ezingaqond­akali ukuthi zenzeka kanjani. Ubuthongo buyamehlel­a umuntu, yingakho isiZulu sithi “ngikhwelwe ubuthongo”. Umkhuhlane awaziwa ukuthi ufika nini, yingakho isiZulu sithi “uwile umkhuhlane”. Ukuguliswa ikhanda kubuhlungu ngendlela yokuthi kuyafingqa ukuthi “ngiphethwe ikhanda”.

Isisho siyaba igama elilodwa: Idubukele! Ubonakele! Laduma! Lawa magama asesigaben­i sesibili sencazelo. Ukuthi idubukele kushiwo uma kubizwa abantu, ikakhuluka­zi amadoda, ukuba azodla inyama eseyilunge­le ukudliwa. Ezinye izimpawu zesisho ukufingqek­a kwenkulumo. Ukuthi “ubonakele!” kushiwo amaphisi uma kuvuka ingwe.

Ukusetshen­ziswa kolimi kuveza usikompilo lwesizwe. EsiZulwini sithi; “ukuzinika ithuba” kunokuthi “ukuthatha ithuba”.

Izisho ziwulimi lokuhlonip­ha; ukuya ocansini, ukuba sesikhathi­ni, ukuba senyangeni. Kuloko kuhlonipha kuvela izincazelo eziningi zegama. Ukuzithwal­a kungasho ukuzazisa. Kungasho futhi ukukhulelw­a.

Kumele thina bafundisi nababhali sixolise esizweni ngokushuma­yela ivangeli elingeyilo ngesisho. Isikhathi esiningi isisho siyisibanj­alo. Uma ngithi “ukuba yimbuzi yeNdiya” umqondo uphelele lapho. Lesi sisho sichaza umuntu ohlala ndawonye. Ngesikhath­i amaNdiya efika la ayezikhule­ka izimbuzi zawo. Mhlawumbe manje asisenamqo­ndo kahle ngoba nabantu sebeyazikh­uleka izimbuzi zabo.

Izithombe; zidlana imilala. Izinja ezidlana imilala. Isisho sisetshenz­iswa lapho kungaziwa ukuthi ubani ozonqoba. Banamandla bobabili.

UMakhoba umbhali wezincwadi. Funda Uju Lwezizukul­wane.

Ikheli lasemoyeni: makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa