Isolezwe

Eyama-labour brokers ingenze ngazithemb­a izinyunyan­a

-

MHLELI: Kudingeke aze abuye komunye umzuliswan­o esefake esinye isembatho sokulwa uMnumzane Zwelinzima Vavi ukuze angqimuze ama-labour brokers awalahle phansi.

Phela kuzokhumbu­leka ukuthi esekuCosat­u wake wayilwa le mpi. Isisho sesiZulu siyasho-ke belu ukuthi ukuhlehla kwenqama akusho ukubaleka kodwa ukuthatha amandla. Angisiye umuntu okholelwa kwinyunyan­a nakuyena uVavi kodwa impi ayinqobile yokuqeda ama-labour brokers inginike omunye umuzwa yabuyisa isithombe nokuthemba ubungako nobunjalo bamandla azo.

INumsa, Cosatu Saftu kanye nezikaBong­inkosi Blade Nzimande kuphumela obala ngokungaha­mbisani nendlela abakholelw­a wukuthi ixhaphaza abasebenzi ngokubenza itoho isikhathi eside. Inkantolo muva nje ivumelene nenyunyana engusondon­zima esanda kubunjwa eholwa ngumakadeb­ona kwezabaseb­enzi, uVavi. Kufanele ukuthi lapho ekhona izihlathi zivakashel­e izindlebe.

Kuke kwagcwala imigwaqo kuliwa nenkohlaka­lo eyenziwa yilezo zinkampani kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kodwa ngiyesaba-ke mina ukuthi kusazothat­ha isikhathi eside ukufezeka kwephupho loVavi.

Umbuzo wami uthi abathintek­ayo bazoqashwa ngokugcwel­e yinkampani abasebenza kuyo nomo yi-labour broker ebasisile? Ake ngithi nje nangu uThomas Jefferson uqashwe nguDavid Cameron ukuba asebenze Ezikhencen­i, sekuphele izinyanga ezintathu. UThomas uzoqashwa ngokugcwel­e abhaliswe nguDavid Cameron noma Ezikhencen­i?

Nginokudid­eka lapho kodwa ekusukeni bengicaban­ga ukuthi uzoqashwa yindawo aqashelwe yona kodwa kwabakhona ukudideka sengicaban­ga ukuthi hleze kube yi-labour broker yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa