Kuyingozi ukuwa kwengane, akufanele ukuthathe kancane
UKUWA kwengane iwa isuka etafuleni noma kusofa kungaba yingozi enkulu kuyona ngakho kufanele abazali baqaphele.
Amathuba okuthi izingane ezincane ziwe makhulu kakhulu njengoba zisuke zingakakhuli ngokufanele futhi zisuke zingakakwazi okufanele zikwenze ukuzivikela.
UMnuz Dayne Olsen wabezimo eziphuthumayo kwa-ER24 eVaal uthe usanda kubizwa emva kokuba ingane iwe ikubo eSebokeng, eGauteng.
Uthe ingane enonyaka owodwa ibilimele kakhulu ekhanda emva kokuwa isuka etafuleni.
U-Olsen nozakwabo bezimo eziphuthumayo kudingeke ukuthi bayinike usizo oludingwa abantu abalimele kakhulu ngaphambi kokuthi ithathwe ngebhanoyi iphuthunyiswe esibhedlela.
“Kujwayele ukuthi izingane ezincane ziwe. Ingozi ingenzeka noma ngabe umuntu omdala ezitshela ukuthi uzophuthuma enze le nto asuke eyoyenza bese eyabuya ngokushesha. Ngiyacela ukuthi ningazishiyi izingane zenu zinganakiwe ngisho umzuzwana nje. Ningazishiyi esihlalweni esiphakeme noma embhedeni ngoba ingane ingagingqika iwe embhedeni,” kweluleka u-Olsen.
Ungabona kanjani uma ukuwa kwengane kungayilimaza:
Ngokusho kwabesibhedlela iRoyal Children’s Hospital, eMelbourne, ukuthi ingane ilimale kangakanani uma iwile kuncike ezintweni ezilandelayo:
Iwe isuka endaweni ephakeme kangakanani Iwe phezu kwani ngesikhathi iwa Ishayeke phezu kwani ngesikhathi iwa Kuthiwa indawo ingane esuke iwa isuka kuyona ingaba yingozi ngisho kungathiwa iphansi noma iphakeme kangakanani ngoba kungenzeka ukuthi iwele entweni engayilimaza.
Izindawo eziqinile njengokhonkolo, ama-tiles nenhlabathi zithathwa njengezindawo eziyingozi uma ziqhathaniswa nezindawo ezithambile kunazo.
Kubalulekile ukuthi kubekwe izinto ezingasiza ukuthi uma ingane iwa ingashayeki endaweni eqinile.
Impahla enjengamatafula nenye enamakhona acijile kungcono ukuthi ibekwe eceleni endlini lapho ingane okungelula ukuthi iwele kuyona.
Ongakwenza ukuqinisekisa ukuphepha kwengane:
Abazali nabantu abagada izingane kufanele bafunde usizo lokuqala iCPR.
Kufanele kube nezinsiza zezempilo ezingasetshenziswa uma ingane ilimele ekhaya.
Uma ingane iwile yibheke ukuthi ayilimele yini nokuthi asikho yini isidingo sokuthi iyiswe esikhungweni sezempilo iyohlolwa. Kubalulekile nokubheka ukuthi alukho yini ushintsho endleleni eyenza ngayo izinto emuva kokuthi iwile.
Iba nohlu lwezinombolo zabezimo eziphuthumayo kwiselula yakho nasodongeni endlini ukuze wonke umuntu azi ukuthi angathinta bani uma kuba nengozi. Inombolo yabezimo eziphuthumayo kwa-ER24 ithi – 084 124