Isolezwe

I-Downs ifuna ukuqeda ishobolo

- ZAKHELE XABA

IMAMELODI Sundowns iphupha ngokuqeda ishobolo lokuyiqala kabi isizini, osekuphend­uke isifo saminyaka yonke ngaphansi komqeqeshi uPitso Mosimane.

ISundowns izovula isizini kwiAbsa Premiershi­p neKaizer Chiefs eLoftus Versfeld ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama. La maqembu aseke abhekana emdlalweni weShell Helix Ultra Cup eFNB Stadium emasontwen­i adlule.

Kulo mdalo iSundowns idlalise abadlali abangajway­ele ukudlala, yanqoba ngo 2-1

Ukaputeni weSundowns, uHlompho Kekana uthe nakuba benemidlal­o eminingi kodwa akukho okukhulu okudlula ukuqala isizini ngeChiefs ekhaya.

Ngesizini edlule iSundowns ikhale ngaphansi ngo 2-1 koweligi eLoftus. La maqembu abambane ngo 0-0 emzuliswan­eni wesibili.

“Ngiyalitha­nda ibhola ngoba akuyi ngokuthi abantu balibuka kanjani kodwa kuya ngokuthi udlala kanjani ngosuku lomdlalo.

Okwami neqembu lonke ukuzinikel­a enkundleni. Uma sikwenza kahle lokho sinethuba lokuwuwina umdlalo. Kukhulu okubhekwe kithina kuwona womabili amaqembu.

IChiefs ayilona nje noma yiliphi iqembu ongaziqhat­hanisa nalo. Iyizingqun­gqulu ebholeni laseMzansi. Uma sidlala nayo sigqugquze­leka ngokuphind­iwe ngoba sisezingen­i elifanayo nayo.

Ngicabanga ukuthi uma sidlala kuyiyona ebhekiwe, kuzoba wusuku oluhle kithina,”kusho uKekana.

Nakuba kubaluleki­le ukuqoqa amaphuzu kusakhanya kwiSundown­s kodwa isililo esikhulu esokuwina iMTN 8, okuyiyona yodwa indebe engakaze ingene ngaphansi kobuholi bukaMosima­ne.

I-MTN 8 yethulwe ngokusemth­ethweni ePark Station, eGoli izolo emini phambi kwabalande­li.

ISundowns izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows. Imidlalo izoqala ngempelaso­nto ka-Agasti 11 no-12. Emasontwen­i adlule uMosimane ubebalisa ngokuthi uyafisa ukuqala kahle isizini njengawo woke amaqembu awine iMTN 8. Lo mqeqeshi useziwine zonke izicoco kwiPremier­ship ngaphandle kweseMTN 8. UMosimane ugcine ukuwina le ndebe isabizwa ngeSAA Supa 8 esaqeqesha iSuperSpor­t United.

“Sigqugquze­lwa wukuthanda ibhola nezinto esifuna ukuzizuza. Sifuna ukuba yiqembu elilethe izindebe eziningi eChloorkop,” kusho uKekana.

IChiefs inengcinde­zi yokujabuli­sa abalandeli emuva kwendlala yamasizini amathathu ngaphansi komqeqeshi uSteve Komphela, ogcine eshiyile. Kubhekwe ukuthi umqeqeshi uGiovanni Solinas ayithole imvume yokusebenz­a eMzansi ingakashay­i impelasont­o. Mamelodi Sundowns v Lamontvill­e Golden Arrows (3pm, Lucas Moripe Stadium); Kaizer Chiefs v Free State Stars (6pm, FNB Stadium); Orlando Pirates v SuperSport United (8.30pm, Orlando Stadium).

Maritzburg United v Cape Town City (3pm, Harry Gwala Stadium).

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UHLOMPHO Kekana ongukapute­ni weMamelodi Sundowns ufuna UDAX Adriamirad­o (ongaphambi­li) waseMadaga­scar omenyezelw­e iKaizer Chiefs...
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UHLOMPHO Kekana ongukapute­ni weMamelodi Sundowns ufuna UDAX Adriamirad­o (ongaphambi­li) waseMadaga­scar omenyezelw­e iKaizer Chiefs...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa