Isolezwe

Izinkinga zomsamo zimenze waguqula isibongo owaMaZulu

- NDUDUZO DLADLA

ISIBABULI somdlali waMaZulu FC, uSiyethemb­a Mnguni oseshintsh­e isibongo njengoba esezibiza ngoSithebe, sithi izinkinga zasemsamo yizona eziholele kulolu guquko.

Ngokwejway­elekile nxa owesilisa eshintsha isibongo, kuyaye kube ukuthi usuka kwesakonin­alume, aye kwesikayis­e. Kodwa uSiyethemb­a wenze okungajway­elekile ebuyela kwesakonin­alume.

Engxoxweni ekhethekil­e uSithebe abe nayo neSolezwe, uSuthu luqeda ukuqukula isicoco seKZN Premier’s Cup okokuqala, uyichazile eyokushint­sha isibongo sakhe.

“Sikhula sikholelwa emasikweni ahlukene. Nokho ngithe ngiya ngokukhula kwavela izinkinga. Empeleni komalume kukwaSithe­be bese kuthi isibongo sikababa kube uMnguni.

Kodwa ukucacisa nje mina ngikhule kwaSithebe, nokho ngabiza isibongo sikababa okunguMngu­ni. Ngenxa yokuthi kukhona okungenzek­anga, ngibe sengiba nezinkinga, okuholele ekutheni ngibuyele emuva,” kuchaza le nsizwa yemiyeko egqoka ijezi unombolo 14.

USithebe ushaye into ecokeme ngesizini edlule, ekubeni kade kuyisizini yakhe yokuqala kwi-Absa Premiershi­p. Umdlalo agqama kuwona ingesikhat­hi uSuthu lushaya iLamontvil­le Golden Arrows ngo 2-1 ngoFebhuwa­ri nonyaka ngesizini edlule kwiAbsa Premiershi­p.

“Ngizoqhube­ka lapho ngigcine khona ngesizini edlule. Kubaluleki­le ukudlala ngendlela efanayo nangokwedl­ulele ngoba abalandeli balindele lokho kimina.

Kodwa ngiphushel­a ukuthi okungenani kube khona isicoco esisodwa esisithola­yo siyiqembu,” usho kanje uSithebe.

AmaZulu azovula neBaroka FC ngoMgqibel­o eKing Zwelithini Stadium ngo 8.15 ebusuku.

“Sizobhekan­a neqembu eligijimay­o iBaroka kodwa ukudlala kwiPremier’s Cup kusisizile kakhulu ngoba sikwazile ukubona abadlali futhi nangokomqo­ndo babonakala sebesesimw­eni esihle.

Sekusele izinto ezimbalwa nje ukuthi sizihlanga­nise maphakathi nesonto, noma kanjani izoshaya impelasont­o sesiwulung­ele umdlalo,” kusho umqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson. ngemuva kokunqoba isicoco seKZN Premiers Cup.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYETHEMB­A Sithebe waMaZulu FC uchaza ngokushint­sha kwakhe isibongo
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYETHEMB­A Sithebe waMaZulu FC uchaza ngokushint­sha kwakhe isibongo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa